Ezemidlalo Ibhola

OweBanyana ufuna babuye nendebe entsha yeWafcon

Zakhele Xaba|Published

UKAPUTENI weBanyana Banyana, uRefiloe Jane, ukholwa wukuthi ingcindezi ikuwona wonke amazwe emqhudelwaneni i-Women's Africa Cup of Nations (Wafcon) oqhubekayo eMorocco.

IBanyana eqeqeshwa nguDesiree Ellis ikleliswe kuGroup C oneTanzania, Mali neGhana. Izovula neGhana eHonor Stadium namuhla ngo-5 ntambama. IWafcon iqale ngesivuthevuthe ngesikhathi osokhaya, iMorocco bebuya sebelandela ngemuva kwiZambia, umdlalo wagcina uphele zibambene ngo 2-2. 

IBanyana evikela indebe eyayiwina ngo-2022, idlala lo mqhudelwano ngaphandle kwesinye sezithenjwa, uThembi Kgatlana, esihoxe ngenxa yezizathu ezithinta sona. 

"Ekugcineni umqhudelwano usuqalile. Sibone umdlalo ohlabahlosile izolo ebusuku (ngoMgqibelo) phakathi kweZambia neMorocco. Bakhombise izinga lo mqhudelwano ozoba kulona. Akekho obengazitshela ukuthi kuzohamba ngendlela okwenzeke ngayo. Kodwa silapha manje, silungiselela umdlalo wethu wokuqala kusasa (namuhla). Sisebenzile ezinyangeni ezedlule ukuze sibe lapha namuhla. Ngakho sijabule kakhulu futhi siwubheke ngabomvu umqhudelwano ngethemba lokuthi kuzofezeka izifiso esizibekele zona okuwukuphakamisa indebe," kusho uJane esithangamini nabezindaba eMoroco.

Ngaphandle kokuthi iBanyana inengcindezi yokuvikela indebe, amehlo azobe ebheke indlela abadlali abazodlala ngayo kulandela umdonsiswano phakathi kwabo nenhlangano eyangamele ibhola eMzansi, iSouth African Football Association (Safa) mayelana namaholo emidlalo yobungani yasezinyangeni ezedlule. Ngaphezu kwalokho, iWafcon ibukeka izoshuba kwazise maningi amaqembu e-Afrika asekhombisa ukuvuthwa ebholeni lamazwe. Iqembu elizowina i-Wafcon lizoba ngelokuqala elizophakamisa indebe entsha esanda kwethulwa yinhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (Caf).

"Ingcindezi iseqenjini njengoba sivikela indebe. Wonke umuntu oza emqhudelwaneni ufuna ukuwina. Nakithi akuhlukile nakuba ingcindezi ikithina kodwa ikuwona wonke umuntu ngoba sonke sifuna ukuwina. Indebe yinhle kakhulu, ngithemba abantu baseNingizimu Afrika bengaba abokuqala abazoyiphakamisa. Ngenhlanhla siyigcinile lena esiyithole emqhudelwaneni odlule," kusho uJane