Ezemidlalo Ibhola

IChiefs ibambe umoya ngomdlali omusha

Zakhele Xaba|Published

IZIKHULU zeKaizer Chiefs zibambe umoya ngokulunga kwamaphepha omdlali omusha, uSiphesihle Ndlovu, okuvela ukuthi uzanyelwa ukuthi ajoyine leli qembu eNetherlands, lapho lizicijela khona ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.

UNdlovu oyibamba enkabeni yenkundla, umenyezelwe yiChiefs njengomdlali wayo omusha ngempelasonto edlule. Uphelelwe yinkontileka kwiSuperSport United esidayisiwe. Lo mdlali wazakhela igama esayibamba kwiMaritzburg United (esiyiDurban City), ngaphambi kokudlulela kwi-Orlando Pirates emshovele kuMatsatsantsa. UNdlovu uvumelene neChiefs seziqedwe zonke izinhlelo zohambo lwaphesheya kwezilwandle, usalile waziqeqesha nabanye abadlali eNaturena okubalwa kubona ukaputeni uYusuf Maart ofunwa yiqembu lase-Austria, iSV Reid. Abanye ngo-Edison Castilo okusabalele ukuthi uzochithwa, Tebogo Potsane, Rushwin Dortley, Paseka Mako nabanye. Baziqeqesha ngaphansi kweso elibukhali labaqeqeshi okukhona kubona uDillon Sheppard owine isicoco seligi neqembu leDStv Diski Challenge ngesizini edlule.

Isolezwe lithole ukuthi nakuba ikhempu isiphakathi kodwa iChiefs izama ngakho konke ukuthi iphele esefikile uNdlovu. Amakhosi kulindeleke ukuthi abuye eMzansi ngoJulayi 19, esedlale imidlalo eyisihlanu yokuziqeqesha namaqembu ahlukene. Kowokuqala ahlulwe yiVitesse ngo 2-1. Namuhla azobhekana ne-Utrecht FC ngo-4 ntambama.

"UNdlovu kuzanywa ukuthi ajoyine iqembu lonke eNetherlands. Okubambile manje yindaba ye-visa esalindiwe. Konke kuzoncika esikhathini ezofika ngaso. Uma isheshile, noma kanjani uzojoyina iqembu lonke ekhempini. Kodwa uma kuhamba izinsuku kungalungi, uzogcina engahambanga ngoba ngeke kusize ukuya kwakhe ikhempu isizophela," kusho umthombo.

Ukujoyina ikhempu eNetherlands kungamsiza uNdlovu ukuze aqale ukulwela indawo yakhe esikimini somqeqeshi, uNasreddine Nabi, onengcindezi yokushintsha izinto kuleli qembu. Uzobanga indawo nabadlali okukhona kubona uGeorge Matlou osanda kunikwa inkontileka entsha.

Ngemuva kokuzicijela ukuqala kwesizini entsha, iChiefs izobuya eMzansi izodlala ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 26.