Ezemidlalo Ibhola

Kukhonye iSpurs neToti koweSolezwe

Xolile Mpisane|Published

IQEMBU eliwashaye emakhanda kwabesifazane kwiSolezwe Soccer Cup, iToti Ladies.

Image: DOCTOR NGCOBO / INDEPENDENT NEWSPAPERS

I-DURBAN Spurs neToti Ladies yiwona maqembu adle umhlanganiso kwiSolezwe Soccer Cup yanonyaka, enqoba emidlalweni yamanqamu esongwe eSJ Smith Stadium, eWema, izolo.

ISpurs ibe ngompetha kwabesilisa iguqisa iBizana FC ngo 2-0. Amagoli womabili ashaywe nguLwandiso Dlamini, obeqhamuka emuva afike phambili kuzwakale. Leli qembu ligoduke nesheke lika-R30 000 nezindondo zegolide.

"Kusho lukhulu kithina ukuba ngompetha beSolezwe Cup. Ikhona eminye imiqhudelwano esiyidlalile kodwa kwangalunga, siyabonga ukuthi kugcine kulungile," kusho umqeqeshi weSpurs, uNkululeko Ntuli.

"Ngibonga abadlali bami ngokuzimisela uma sizilolonga nangendlela ababambisane ngayo kulo mqhudelwano kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.

"Siyabonga nakwiSolezwe ngokuhlela lo mqhudelwano, nabo bonke abawuxhasile. Siyazi sonke ukuthi uma intsha izibophezele kwezemidlalo iyaqoqeka, iqhelelane nezinto ezingalungile ezingashabalalisa ikusasa layo. Sifuna lo mqhudelwano uqhubeke nokudlondlobala futhi sizimisele ukubuya sizovikela indebe yethi ngonyaka ozayo."

IToti Ladies inqobe umqhudelwano kwabesifazane ithela phansi i-Adams Ladies ngo 2-0. Amagoli abekwe enethini nguSiphokazi Maduna no-Oluhle Madwe. Ngokuwina lo mqhudelwano leli qembu lithole isheke lika-R15 000 nezindondo zegolide.

Umqeqeshi weToti, uSanele Shezi, uthe kumqoka ukuthi iqhubeke imiqhudelwano efana neSolezwe Soccer Cup, ikakhulukazi ebholeni labesifazane.

“Isolezwe Cup selingomunye wemiqhudelwano emikhulu esisuke siyibheke kakhulu onyakeni. Ngonyaka odlule sanqotshwa kowamanqamu, ngakho sijabule kakhulu njengoba sesibuye nayo indebe,” kusho uShezi.

“Kuhle kakhulu ukuthi ibhola labesifazane lingashiywa ngaphandle uma kwenzima imiqhudelwano yalolu hlobo. Amantombazane ayagqugquzeleka kakhulu. Sifisa ukuthi nezinye izinkampani zixhase imiqhudelwano yentsha yemidlalo ehlukene.

"Siyabonga kakhulu nakubalandeli ngokuphuma ngobuningi bazobukela le midlalo futhi sikholwa ukuthi sibakhombise ibhola eligculisayo."