Ezemidlalo Ibhola

UZuke uthembisa ukwenza umehluko kwiBay

Xolile Mpisane|Published

UTHABANI Zuke osanda kusayiniswa yiRichards Bay FC.

Image: BACKPAGEPIX

KUYAMTHOKOZISA ukuqala uhambo olusha neRichards Bay FC umdlali wasesiswini obekwiLamontville Golden Arrows, uThabani Zuke.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubesehlale isikhathi eside kuBafana Bes’thende kusukela ngo-2020. Walimala edolweni maphakathi nesizini ka-2022/23 kodwa wakwazi ukubuya kwelandelayo.

Ngesizini edlule udlale imidlalo engu-11 yeligi kwi-Arrows kodwa ube ngomunye wabadlali abadedelwe yileli qembu kungalindelekile isiyophela isizini.

Uvele ngesikhathi iNatal Rich Boyz yethula inqwaba yabadlali abasha emcimbini obuseRichards Bay ngoLwesibili ntambama. Uthe uzimisele ukwenza umehluko enkundleni, aphinde acathulise nabadlali abancane abaseqenjini.

“Ngithe uma ngibuka iRichards Bay ngesizini edlule ngabona indlela edlale ngayo, yakwazi nokuqeda kwi-Top 8. Ngiluthandile uhlobo lwebhola ebiludlala nendlela elwe ngayo kwaze kwaba sekugcineni, ngabona ukuthi nami ngingakwazi ukufaka isandla,” kusho uZuke.

“Ngeke kube nzima kimina ukuba ngomunye wabaholi ngoba nalapho ebengidlala khona bengivele ngenza umsebenzi ofanayo. Ngizobe ngingengedwa ngoba bakhona nabanye abadlali abanamava eqenjini abafana noSimphiwe Mcineka, Tshepo (Mabua), Bafana (Mthethwa) nabanye. Ngikholwa wukuthi sizokwazi ukusebenzisana enkundleni siphinde sikhulise nabadlali abancane.”

Ngesizini edlule iBay iqede endaweni yesishiyagalombili kwiBetway Premiership, okuyindawo engcono selokhu yanyukela esigabeni esiphezulu. Ngesizini ka-2022/23 yaqeda endaweni ka-13 kwathi ngesizini ka-2023/24 yalala endaweni ka-15.

Usihlalo waleli qembu, uJomo Biyela, uthe angathanda ukulibona lizinza kwiTop 8 kule sizini ezoqala ukuze liqine ngokwanele ngaphambi kokulwela ukuqeda ezindaweni ezizoyifaka emiqhudelwaneni yeCaf.

UZuke uthe bayahambisana nemibono kasihlalo futhi bazolwa ngakho konke okusemandleni ukuthi bangawalahli kalula amaphuzu.

“Iqembu lisakudinga ukuqina kodwa thina njengabadlali asifuni ukuma endaweni eyodwa. Ngokuhamba kwesikhathi singathanda ukuthuthuka size singene kwiTop 4 noma emiqhudelwaneni yeCaf,” kusho uZuke.

"Into esiyibheke kakhulu manje wukuthi singabe sisahlehlela emuva, okusho ukuthi kumele sizibambe ziqine isizini isaqala. Sizodlala nakwiMTN 8 kule sizini, ezofika nelinye ithuba lokuthi sinqobe isicoco. Ngeke kube lula kodwa ngikholwa wukuthi sinalo iqembu elingayilwela le ndebe,” kuphetha uZuke.