Ezemidlalo Ibhola

OweBay ufuna abanamava bahole injenjane

Xolile Mpisane|Published

UKHOLELWA ekutheni abadlali abanamava abaseqenjini bazokwazi ukubambisana nabasebancane ukuze iqembu liphinde elikwenze ngesizini edlule usihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela. 

Izolo leli qembu limemezele abadlali abasha elibasayinisile, laqinisekisa nabaqhamuka eqenjini leDStv Diski Challenge asebekhushulelwe esikimini esikhulu.

Abadlali abasayiniswe yiNatal Rich Boyz uGabadinho Mhango, Thabani Zuke, Benson Mongalo, Lindokuhle Mtshali, Halalisani Vilakazi, Ntokozo Nzama, Sboniso Madonsela, Philani Khumalo, Lundi Mahala, Mbulelo Nombengula no-Olwethu Mbambo. 

“Kusho lukhulu ngoba ngesikhathi sisayinisa laba badlali sibahlaziyile, sabheka izinga labadlali esibadingayo, nendlela esidlale ngayo ngesizini edlule,” kusho uBiyela. 

“Sibonile ukuthi besibuthuntu phambili ngoba sishaye amagoli angu-19 kuphela. Sibone kufanele ukuthi sithole umgadli onjengoGabadinho onerekhodi lokushaya amagoli emaqenjini ehlukene. 

“Siphinde sazama ukugcina umfutho ebesinawo ngesizini edlule ngokusayinisa uMongalo, okhwishizelayo emuva ngakwesokunxele. Siyaqonda ukuthi esinye sezizathu esenze sakwazi ukuqhudelana namanye amaqembu wumfutho ebesinawo ngenxa yabadlali abancane abakhathule indima enkulu.

"Ngakho-ke, abadlali esibasayinisile bayingxube yabanamava kanye nabasha esikholwa wukuthi bazothuthukisa iqembu kule sizini."

UBiyela uphinde wabonga uYanela Mbuthuma noNkosikhona Ndaba abadayiselwe i-Orlando Pirates, kanye noSomila Ntsundwana benoJustice Figuareido asebebheke kwiChippa United. 

Ngaphezu kwalokho, uqinisekise uhlu lwabadlali abadedeliwe ngenxa yokuphela kwezinkontileka okubalwa kubona uThato Mohlamme, Romario Dlamini, Mxolisi Macuphu, Thabiso Kutumela, Siboniso Conco,Siyabonga Dube, Keegan Allan, kanye noMduduzi Mdantsane obebolekwe kwiKaizer Chiefs.