UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uManqoba Mgqithi, namaphini akhe uMusa Bilankulu noKagiso Dikgacoi.
Image: FACEBOOK / GOLDEN ARROWS
IPHINI lomqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uKagiso Dikgacoi, likubona kuyithuba eliyingqayizivele ukusebenza noManqoba Mngqithi njengoba leli qembu lilungiselela isizini ka-2025/26.
UDikgacoi wadlala kwi-Arrows kusukela ngo-2005 kwaze kwaba ngu-2009, lapho ahamba khona wayojoyina iqembu lase-England, iFulham. Wadlala kwamanye amaqembu aphesheya njengeCrystal Palace neCardiff City ngaphambi kokubuyela kwi-Arrows ngo-2016.
Emuva kwalokho, ungene kwezokuqeqesha, wasebenza kwiMangaung United egijima kwi-ABC Motsepe League.
Ngo-Agasti nyakenye, wethulwa njengomqeqeshi welinye iqembu le-ABC Motsepe League, iPhezulu FC, kodwa walishiya isigubhukane wajoyina ithimba labaqeqeshi be-Arrows.
UMngqithi wabamba izintambo kwi-Arrows kusukela ngo-2007 kuya ku-2010, waphinda futhi phakathi kuka-2012 no-2013. Ngo-2009, wadla isicoco seMTN 8 naBafana Bes’thende ngesikhathi bequmba phansi i-Ajax Cape Town ngo 6-0 kowamanqamu.
Washiya i-Arrows ngo-2014 wajoyina iSundowns, lapho enqobe khona inqwaba yezicoco zeligi nezinye izindebe. Ukhululwe yileli qembu laseChloorkop ngoDisemba, nyakenye, wabuyela kwi-Arrows ngoMashi nonyaka, lapho elekelelwa khona nguDikgacoi noMusa Bilankulu.
“Ngesizini edlule, besingenzi kahle kwaze kwafika umqeqeshi uManqoba. Uvuselele ukuzimisela kubadlali nendlela abacabanga ngayo, isimo saqala ukuba ngcono. Ngeshwa asingenanga kwiTop 8, okuyinto ebesiyifisa ngesizini edlule,” kusho uDikgacoi.
“Ungumuntu othanda ukunqoba, owole izindebe neSundowns, nokuyinto esifuna ukuyifaka kwi-Arrows. Kuyajabulisa ukusebenza naye. Wayengiqeqesha ngisadlala futhi ngiyazi ukuthi ulindeleni kubadlali. Kuningi esikufundayo kuyena."
UDikgacoi uthe amalungiselelo esizini ka-2025/26 ahamba kahle futhi iqembu lihlose ukwenza okungcono kakhulu kunesizini edlule, lapho liqede khona endaweni ka-12 kwi-log yeBetway Premiership.
"Sisesontweni lesibili lamalungiselelo ethu. Siwaqala kahle futhi ngiyethemba ukuthi abadlali bazoqhubeka nokuzikhandla ukuze isizini iqale sebekulungele ukulwela amaphuzu, siqede endaweni ehloniphekile kule sizini," kuqhuba uDikgacoi.
“Kuhle ukuba nesikwati esikhulu ukuze ube nabadlali ongakhetha kubona. Abafana esibasayinise ngasekupheleni kwesizini, bawenzile umehluko kodwa bekubonakala nokuthi besekunesikhathi eside bangedlali. Siyajabula ngoba kulokhu bayingxenye yamalungiselelo ethu okuqala kwesizini.
Iqembu lisazobamemezela abadlali abadedeliwe nesibatholile. Siyethemba ukuthi sizolanda abadlali abazosheshe bajwayele ukuthi yini esiyidingayo kwiLamontville Golden Arrows,” kuphetha yena.
Related Topics: