UMGADLI weBanyana Banyana, uRonnel Donnelly.
Image: BACKPAGEPIX
UHLOSE ukulisebenzisa ngokuphelele ithuba lokuncela ulwazi kwelinye lamaqhawe akhe, uJermaine Seoposenwe, umgadli omusha weBanyana Banyana, uRonnel Donnelly.
Lo mdlali (21) udlale okokuqala eqenjini lakuleli lesizwe lebhola labesifazane ngesikhathi linqoba iGhana ngo 2-0 ngoMsombuluko emdlalweni walo wokuqala weWomen’s Africa Cup of Nations eqhubekayo eMorocco.
Ungene esuka ebhentshini ngesiwombe sesibili. Okumthokozise kakhulu wukuthi uthole nethuba lokudlala noSeoposenwe, inkakha yeBanyana ememezele ngenyanga edlule ukuthi ngeke isalidlalela iqembu lesizwe ngemuva kwalo mqhudelwano.
UDonnelly, odabuka eWentworth, eThekwini, waqala ukudlala ibhola eneminyaka eyisithupha egqugquzelwa ngabazali bakhe, uLewis noThully, bobabili abanomlando omude ebholeni. Ngaphandle kokulidlala eminyakeni edlule, baphinde bangena ekuqeqesheni, basungula iqembu lamantombazane, iShooting Stars Football Club, okuyiqembu uDonnelly aqala kulona ukugqama.
Lo mdlali wake wadlalela amaqembu esizwe abasebancane waphinde wathola ithuba lokuzwa ukuthi kunjani ukudlala emazingeni aphezulu ngesikhathi edlala kwiCaf Women’s Champions League neqembu lakhe, i-University of Western Cape, ngoNovemba nyakenye.
Ukukhuphuka kwakhe kucishe kufane nokukaSeoposenwe, naye owadlalela amaqembu esizwe abasakhula ngaphambi kokudlalela iBanyana okokuqala ngo-2010. Usedlale imidlalo engaphezu kuka-100 eqenjini lesizwe.
"Benginovalo ngoba bengiqala ngqa ukudlala eqenjini lesizwe. Bengingalindele ukuthi ngizongena kodwa okwenzekile kuyakhombisa ukuthi kukhona engikwenza kahle uma sizilolonga. Ngikhuthazekile kakhulu. Kuningi engingakwenza uma ngiqhubeka nokuzikhandla," kusho uDonnelly engxoxweni nethimba labezindaba leSafa.
"Bengingazitsheli ukuthi ngizokwazi ukudlala namaqhawe ami afana noJermaine. Ngibukela kuyena ngayo yonke indlela ngakho-ke kusho lukhulu ukuthi ngikwazile ukudlala naye. Kuningi engisengakufunda kuyena.”
IBanyana izodlala umdlalo olandelayo kaGroup C neTanzania kusasa ngo-9 ebusuku eHonner Stadium, e-Oujda, eMorocco.
Nakuba iTwiga Stars ishaywe yiMali ngo 1-0 emdlalweni wayo wokuqala, uDonnelly uthe kumqoka ukuthi iBanyana ingazitheli ngabandayo kulo mdlalo.
“Sibambisene kahle emdlalweni wokuqala kwaze kwaba sekugcineni. Akufanele sehlise izinga manje, kumele siqine ngokomqondo sigxile emidlalweni ezayo ngoba lesi bekuyisinyathelo sokuqala,” usho kanje.
"Yonke imidlalo ibalulekile kithina ngakho-ke nomdlalo olandelayo kufanele siwunqobe. Ngeke kube lula kodwa ngikholwa wukuthi sinawo amandla adingekayo. Sizophuma futhi siyolwela amaphuzu amathathu.”
Related Topics: