Ezemidlalo Ibhola

Abuyela empini amaBhokobhoko esifazane nawesilisa

Xolile Mpisane|Published

OMUNYE wabadlali bamaBhokobhoko esifazane abadabuka e-Eastern Cape abawubheke ngabomvu umdlalo wangoMgqibelo neCanada eGqeberha.

Image: BACKPAGEPIX

AMAQEMBU esizwe ombhoxo akuleli azophinde abhekane namaqembu abedlale nawo ngempelasonto edlule empini esithuthele eGqeberha.

Iqembu labesifazane lizophinde litholane phezulu neCanada eNelson Mandela Bay Stadium namuhla ngo-1.30 ntambama, elabesilisa lidudulane ne-Italy enkundleni efanayo ngo-5.10pm.

AmaBhokobhoko esifazane asesonga amalungiselelo eNdebe yoMhlaba ezoba se-England kusukela ngo-Agasti 22 kuya kuSepthemba 27.

Ukaputeni wamaBhokobhoko esifazane, uNolusindiso Booi, uthe bawabonile amaphutha abawenzile ngesikhathi iCanada ibaqumba phansi ngo 50-20 eLoftus ngoMgqibelo odlule.

“Abadlali bethu abaningi eqenjini badabuka e-Eastern Cape, futhi sonke siyazi ukuthi umbhoxo wabesifazane uqine kangakanani kule ndawo, ngakho sizimisele ukukhuphula izinga, senze abalandeli baziqhenye ngathi,” kusho uBooi.

"ICanada ayiklelisiwe endaweni yesibili emhlabeni ngenhlanhla. Kukhona esikwenze kahle ePitoli kodwa kukhona lapho silehlisile khona izinga, basijezisa ngalokho. Yilawo maphutha esifuna ukuwagwema kulokhu.”

Khonamanjalo, iqembu labesilisa lamaBhokobhoko nalo lihlose ukukhuphula izinga emdlalweni walo wesibili ne-Italy, yize linqobe ngo 42-24 eLoftus.

Umqeqeshi uRassie Erasmus ukubeke kwacaca ngemuva komdlalo ukuthi ulindele okungcono kakhulu eqenjini eGqeberha.

UMannie Libbok, ozowuqala umdlalo namuhla ntambama, unethemba lokuthi uzoqhubeka nefomu ayikhombisa bebhekene namaBarbarians eKapa,  lapho awabeka phakathi womahlanu amabhola awakhahlela.

"Ukukhahlelela ipali iyona ngxenye yomdlalo wami engisebenze kanzima kuyona ezinyangeni ezimbalwa ezedlule. Ngijabule kakhulu ngengikwenze sidlala namaBarbarians futhi ngifisa ukwenza okufanayo nakulo mdlalo we-Test ne-Italy," kusho uLibbok.

“Yinto engizolokhu ngiqhubeka nokuyilungisa. Ngenze kahle nakuleli sonto ngesikhathi ngikhahlelela amapali ejimini, ngiyethemba ukuthi ngizoqhubeka kanjalo,” kuphetha uLibbok.