UMQEQESHI waMaZulu FC, u-Arthur Zwane, nomunye wabadlali abasebancane baleli qembu okubhekwe lukhulu kubona, u-Andiswa Sithole.
Image: BACKPAGEPIX
AMAZULU awayawathemba amagalelo nezinhlelo zomqeqeshi, u-Arthur Zwane, ukuthi uzokwazi ukupheka injejane okuqalwa kabusha ngayo iqembu.
Lokhu kuvele enkulumweni kaPhilani Ndlela okhulumela Usuthu ngesikhathi kwethulwa umqhudelwano, iKZN Premier's Cup eRichards Bay, ngoLwesibili.
Ngenyanga edlule, Usuthu lukhiphe uhlu lwabadlali abangu-16 iqembu elinqume ukubadedela okubalwa kubona inqwaba yabanamava okunguVeli Mothwa, Abbubaker Mobara, Mbongeni Gumede, Ramahlwe Mphahlele, Thembela Sikhakhane nabanye.
Yize leli qembu lingakabamemezeli abadlali abasha abazovala izikhala zabahambile kodwa uNdlela uqinisekise ukuthi iningi labo ngabadlali abasebancane.
"Iqembu njengamanje lisePolokwane, lilungiselela ukuqala kwesizini. Sizosebenzisa kakhulu abadlali abancane kule sizini. Cishe bangu-18 abadlali abaneminyaka engaphansi kuka-25 okukhombisa ukuthi iqembu belibheke ukuvuselela isikwati,” kusho uNdlela.
“Kubadlali abangu-34 abasekhempini, babalelwa ku-16 abaqhamuka KwaZulu-Natal, okufakazela ukuthi umqeqeshi ugxile ekuthuthukiseni ithalente lakulesi sifundazwe.”
UNdlela uthe nakuba leli qembu lenze kahle ngokuqeda kwi-Top 8 ngesizini edlule kodwa babona sengathi lidinga izinguquko ukuze lenze kangcono kakhulu kumasizini azayo.
“Kumasizini amahlanu edlule, iqembu liqede kwi-Top 8 kathathu. Sidlale umdlalo wamanqamu owodwa lapho sahlulwa khona yi-Orlando Pirates kwi-MTN 8. Asenzanga kahle njengoba besilindele, yize sike sathola nethuba lokudlala esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League,” usho kanje.
“Izinga belilokhu lehla lenyuka ngakho bekubalulekile ukuthi sishintshe izinto ngesikhathi sibona umqeqeshi uZwane efika nemibono emisha eqenjini.
“Eqinisweni akukho ukukhathazeka eqenjini, ithimba labaqeqeshi livuthiwe kakhulu, nabaphathi bayamethemba futhi bameseka ngokugcwele umqeqeshi ngoba bakholelwa ekutheni uyayazi into ayenzayo.
“Akusiyena kuphela onalo mbono kodwa sibheke okufanayo naseqenjini lethu leDStv Diski Challenge. Sidinga ukubona AmaZulu ethuthuka futhi enza kahle kuyona yonke imiqhudelwano azobamba iqhaza kuyona.”
Usuthu luzoqala isizini entsha ngokubhekana neStellenbosch FC kuma-quarterfinal eMTN 8 ngempelasonto yokuqala ka-Agasti. Ngaphambi kwalokho, luzodlala kwiKZN Premier's Cup ngoJulayi 26 kuya ku-27 eRichards Bay.
Related Topics: