ISITOBHA se-Orlando Pirates, uMbekezeli Mbokazi, sidudulana nomgadli weBolton Wanderers, uDavid Abimbola.
Image: X / ORLANDO PIRATES
I-ORLANDO Pirates iluqale kabi uhambo lwayo lwaseSpain inqotshwa yiqembu lase-England, iBolton Wanderers, ngo 2-0 emdlalweni wobungani eMarbella Football Center, ngoLwesihlanu emini.
Umqeqeshi omusha u-Abdeslam Ouaddou uqalise uSipho Chaine, Nkosinathi Sibisi, Mbekezeli Mbokazi, Deon Hotto, Bandile Shandu, Sihle Nduli, Sipho Mbule, Patrick Maswanganyi, Tshepo Moremi, Relebohile Mofokeng noBoitumelo Radiopane.
Nokho, kuyiwe ekhefini Ezimnyama zilandela emuva ngegoli kulandela ibhola elibekwe enethini nguCharlie Warren ngebatha ngomzuzu ka-41.
Womabili amaqembu abuye nezikimu ezehlukile esiwombeni sesibili. EzikaMagebhula bese zibophele uMelusi Buthelezi, Tapelo Xoki, Lebone Seema,Nkosikhona Ndaba, Tshepho Mashiloane, Masindi Nemtajela, Simphiwe Selepe, Sinoxolo Kwayiba, Oswin Appollis, Evidence Makgopa noTshegofatso Mabasa.
Nasesiwombeni sesibili iqembu laseSoweto belilibamba ibhola kodwa zikhombisa ukungaxhumani uma sezifika ngasebhokisini, nokuyinto u-Ouaddou anenselelo yokuyilungisa emidlalweni ezayo yobungani.
Okunye okufanele ukuthi kuzomkhathaza lo mqeqeshi indlela abadedele ngayo amagoli kwazise womabili aqhamuke emabholeni amade abethunyelwe ebhokisini. Elokuqala liqhamuke nge-freekick, elesibili laqhamuka kwikhona.
IPirates isizobhekana nePafos FC yaseCyprus ngeSonto ngo-11 ekuseni bese idudulana namaqembu aseSpain, iLas Palmas (ngoLwesine) neGranada FC (ngoJulayi 19).
Related Topics: