Ezemidlalo Ibhola

UMbane ugcizelela eyokuzimisela kwiBanyana

Xolile Mpisane|Published

ISITOBHA seBanyana Banyana, uBambanani Mbane, esiqokwe njengomdlali ovelele ngesikhathi benqoba iGhana emdlalweni wokuvula kwiWafcon.

Image: BACKPAGEPIX

UFUNA iqembu liqhubeke nokuyihlonipha yonke imidlalo ukuze liye kude kwiWomen’s Africa Cup of Nations umdlali wasemuva weBanyana Banyana, uBambanani Mbane.

IBanyana iwuqale ngegiya eliphezulu umkhankso wokuvikela indebe eyayinqoba ngo-2022 ngokuguqisa iGhana iGhana ngo 2-0 emdlalweni wokuqala kaGroup C obuseHonneur Stadium e-Oujda, eMorocco, ngoMsombuluko ntambama. Amagoli ashaywe nguLinda Motlhalo noJermaine Seoposenwe.

Lo mphumela ubeke iqembu lakuleli esicongweni ngamaphuzu amathathu. Lilandelwa yiMali,  nayo enamaphuzu amathathu ngemuva kokunqoba iTanzania ngo 1-0.

“Umdlalo wokuqala ubunzima kakhulu futhi besazi ukuthi iGhana ingelinye lamaqembu aqinile. Besifuna ukunqoba ngoba umdlalo wokuqala womqhudelwano ubaluleke kakhulu” kusho uMbane ekhuluma nethimba labezindaba leSafa eseMorocco.

"Besazi ukuthi kubaluleke kangakanani ukunqoba umdlalo wethu wokuqala njengeqembu elivikela isicoco. Siyaqonda ukuthi wonke amaqembu adlala nathi afuna ukusiqumba phansi. Njengoba sesiwunqobile owokuqala sesingaya kowesibili ngokuzethemba."

IBanyana izodlala umdlalo wayo wesibili neTanzania ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku enkundleni edlale kuwona owokuvula.

Iqembu likaDesiree Ellis lidlalile neTanzania kweyokuhlungela ama-Olympic nyakenye layishaya ngo 3-0 ekuhambeni eDar es Salaam, ngaphambi kokuyinqoba ngo 1-0 eMbombela Stadium ngoMashi.

Noma kunjalo, uMbane uthe kumele baqaphele njengoba iTwiga Stars izobe ilwela ukuthola amaphuzu ayo okuqala.

“Uma singangena emdlalweni wesibili sinomqondo ofanayo nalowo ebesinawo emdlalweni wokuqala kuzosihambela kahle. ITanzania ihluliwe emdlalweni wayo wokuqala ngakho izobe ifuna ukukhombisa ukuthi ingenza kangcono,” uqhube kanje uMbane.

“Nathi sihlose ukuqhubeka nokuzimisela. Sizitshelile ukuthi alikho iqembu esizolithatha kancane. Yize sike sabhekana neTanzania phambilini, futhi sayihlula, lona ngumqhudelwano ohlukile futhi kungenzeka noma yini.”