IBANYANA Banyana iwuqale ngonyawo oluhle umkhankaso wokuvikela indebe yeCaf Women's Africa Cup of Nations (Wafcon) ngokwehlula iGhana ngo 2-0 emdlalweni kaGroup C eHonneur Stadium eMorocco ngoMsombuluko ebusuku.
Amagoli eBanyana ashaye nguLinda Motlhalo kuyiphenathi noJermaine Seoposenwe esiwombeni sokuqala.
Iqembu lakuleli lidlala iWafcon ngaphandle kwezinye izithenjwa ezazikhona ngesikhathi liphakamisa indebe ngo-2022 okubalwa kuzona umgadli uThembi Kgatlana ohoxile ngenxa yezizathu ezithinta yena noNoko Matlou osethathe umhlalaphansi ebholeni lamazwe. Lokhu kusho ukuqonga kwengcindezi kubadlalo abasebancane abaqalayo ukudlala kwiWafcon. Nokho umqeqeshi, uDesiree Ellis, ubaqinise idolo ngaphambi kokuthi iqembu lifulathele iNingizimu Afrika ngokuthi uyabethemba. KwiGhana, iBanyana ibiphikwa wumlando kwazise ayikaze iyehlule esigabeni samaqoqo kwiWafcon phezu kokuba la maqembu abebhekana okwesithathu kulesi sigaba.
Nakuba iBlack Queens ikhombise ukuzinza kuqala emdlalweni kodwa iBanyana ikhombise ukuba yingozi ngokuhamba kwesikhathi. Ithole iphenathi ngomzuzu ka-25 emuva kokudlaliswa kabi ebhokisini kukaNoxolo Cesane, wayibeka phakathi uMotlhalo. Emuva kwemizizu embalwa, uSeoposenwe uqobele phakathi ibhola alinikwe ngobunyoninco nguLebohang Ramalepe.
Ukuwina kweBanyana emdlalweni wokuqala weqoqo kuyibeka ethubeni lokubalwa namaqembu amabili azoqeda eqhulwini. Eqoqweni uGroup C , iBanyana ikleliswe neGhana, Tanzania neMali. Emdlalweni olandelayo, izobhekana neTazania eHonneur Stadium ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku. Angu-12 amazwe ahlukaniswe amaqoqo amathathu kwiWafcon. Amaqembu amabili azoqeda eqhulwini iqoqo ngalinye, azojoyinwa ngamabili aqede kangcono endaweni yesithathu ukuze kuphume ayisishiyagalombili azoqhuthana kuma-quarterfinal.
Related Topics: