Ezemidlalo Ibhola

Uyaqala umshikashika we-Wafcon eMorocco

Xolile Mpisane|Published

IBANYANA Banyana izobe ivikela isicoco kwiWomen's Africa Cup of Nations ezoqala kusihlwa eMorocco.

Image: BACKPAGEPIX

UZOQALA ngomdlalo oshisayo namuhla ebusuku umqhudelwano omkhulukazi webhola labesifazane kwizwekazi i-Afrika, iWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon).

Lo mqhudelwano kwakumele udlalwe ngonyaka odlule kodwa wahlehliswa ngenxa yokushayisana nama-Olympic ayeseParis, eFrance.

Umdlalo wokuqala kuzobe kungokaGroup A uphakathi kosokhaya, iMorocco, neZambia eOlympic Stadium, edolobheni iRabat, ngo-10 ebusuku.

Amazwe angu-12 azobamba iqhaza afakwe emaqoqweni amathathu anamqembu amane iqoqo ngalinye.

Amaqembu amabili azoqhwakela eqoqweni ngalinye, kanye namabili azolala isithathhu ngamaphuzu angcono, azozibekisela izindawo kuma-quarterfinal.

KuGroup A iMorocco ne Zambia baqhathwe neSenegal kanye neDemocratic Republic of Congo. IMorocco izobe ibheke ukuphakamisa indebe ekhaya ngemuva kokushaywa yiBanyana kowamanqamu ngo-2022.

Kulindeleke ukuthi iZambia iyimise kabi kwazise yayinqoba ngesikhathi kuhlungelwa ama-Olympic. ICopper Queens ingelinye lamaqembu athuthuka ngokushesha futhi ibophele abadlali ababalwa nabahamba phambili emhlabeni njengoBarbra Banda noRacheal Kundananji.

KuGroup B, iNigeria iqhathwe neTunisia, Algeria neBotswana. INigeria iyona ephethe irekhodi lokunqoba lo mqhudelwano kaningi kwazise isike yaba ngompetha amahlandla ayisishiyagalolunye. 

AmaSuper Falcons agcina ukuphakamisa le ndebe ngo-2018, ngakho-ke azobe ehlose ukubuyela endaweni yawo njengezwe elihamba phambili uma kukhulunywa ngebhola labesifazane e-Afrika.

Eqoqweni lokugcina, uGroup C, kuqhathwe iNingizimu Afrika, Ghana, Mali neTanzania. IBanyana Banyana inengcindezi yokuvikela isicoco. Yize omunye wabagadli abagqamile eminyakeni edlule, uThembi Kgatlana, engekho eqenjini, kodwa bakhona abadlala indima enkulu ngo-2022 njengoJermaine Seoposenwe, Hilda Magaia nabanye, behambisana nabanye abasha abathenjwe ngumqeqeshi uDesiree Ellis nethimba lakhe.

“Umqondo abaqeqeshi abazama ukuwufaka kithina wukuthi kumele siye kulo mqhudelwano njengoba senza kowokugcina. Sizele ukuzolwela indebe njengawo wonke amanye amazwe. Kufanele sigxile emdlalweni owodwa ngesikhathi nakulokho esifuna ukukwenza njengeqembu,” kusho omunye wokaputeni beBanyana, u-Amogelang Motau.

“Abahlaziyi bethu bazokwenza umsebenzi odingekayo ukuze siyiilungiselele kahle imidlalo. Okwamanje sibheke umdlalo wethu wokuqala neGhana. Sinikeziwe ulwazi mayelana nendlela abadlala ngayo. Siyazi ukuthi bayiqembu elinamandla kodwa futhi bayathanda ukugcina ibhola njengathi.”

Imidlalo yomzuliswano wokuqala wamaqoqo kwi-Wafcon: 

NgoMgqibelo: 10pm - Morocco v Zambia

NgeSonto: 4pm - Senegal v DR Congo, 6pm - Nigeria v Tunisia, 9pm - Algeria v Botswana

NgoMsombuluko: 6pm - Banyana Banyana v Ghana, 9pm - Mali v Tanzania