OBEYISIKHULU esiphezulu kwiSuperSport United , uStanley Matthews, ejabulela ukusinda kweqembu ezembeni ekupheleni kwesizini ka-2024/25.
Image: BACKPAGEPIX
UKUDAYISWA kwakamuva kweSuperSport United kusho ukuthi luyaqhubeka nokukhula uhlu lwamaqembu anomlando esigabeni esiphezulu sebhola laseNingizimu Afrika asenyamalele.
Kuleli sonto leli qembu likhiphe isitatimende esiqinisekisa ukuthi seliyidayisile ilayisensi yokudlala kwiBetway Premiership liyithengisela iqembu elizokwaziwa ngeSiwelele FC.
AmaTsatsantsa asungulwa ngo-1994 ngemuva kokuba isiteshi sethelevishini, iM-Net, ithenge elinye iqembu lasePitoli, iPretoria City FC ezinze ePitoli.
Leli qembu labe selibizwa ngeSuperSport United futhi lasheshe lazibonakalisa njengelinye lamaqembu anamandla ebholeni laseNingizimu Afrika.
ISuperSport, yaphinde yazi ngenkulisa yayo ebisezingeni eliphezulu nangelinye lamaqembu aholwa kahle kwiPremier Soccer League (PSL).
Idlale kahle kakhulu ngaphansi komqeqeshi uGavin Hunt owanqoba izicoco zeligi ezintathu kulandelana kusukela ngo-2008 kuya ku-2010.
Yaphinde yakhiqiza inqwaba yabadlali abadlulela emaqrnjini amakhulu kuleli naphesheya Kwaziwa abafana noRonwen Williams, Daine Klate, Kermit Erasmus nabanye abaningi.
Yize iSuperSport ingakaze ibe nabalandeli abaningi kodwa ibihlonishwa ngokuthhuthukisa ibhola lakuleli.
Baningi abadlali abadlule kuyona abazwakalise ukudabuka ezinkundleni zokuxhumana okubalwa kubona uWilliams, Thandani Ntshumayelo, Shandre Campbell nabanye.
"Anginawo amazwi. Ngibuhlungu enhliziyweni. Ngiyabonga SuperSport United," ubhale kanje uNtshumayelo ekhasini lakhe likaFacebook.
"Ngiyabonga kwiSuperSport ngakho konke engenzele khona. Kuyadabukisa ukubona iqembu lingasekho," kusho uCampbell ekhasini lakhe le-Instagram.
ISuperSport isingene ohlwini olukhulayo lwamaqembu anomlando angasabonakali esigabeni esiphezulu ebholeni laseNingizimu Afrika njengeBidvest Wits, Free State Stars, Platinum Stars, Hellenic, Santos namanye.
Ngesikhathi abathandi bebhola nabalandeli beSuperSport bekhala ngokudayiswa kwaleli qembu, abathandi bebhola eBloemfontein bazothola iqembu elisha, iSiwelele FC.
Kuvela ukuthi leli qembu lizophathwa nguCalvin Le John, oyindodana kaNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uGayton McKenzie.
Kusazobonakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi abalandeli baseBloemfontein bazolithanda njengoba bebethanda iBloemfontein Celtic yini noma bazolibona njengeqembu elisha elingenamlando.
Related Topics: