Ezemidlalo Ibhola

UMcCarthy ubona uMofokeng esekulungele ukudlala phesheya

Lunga Biyela|Published

UMDLALI we-Orlando Pirates omataniswa namaqembu angaphandle, uRelebohile Mofokeng.

Image: BACKPAGEPIX

INKAKHA yeBafana Bafana eyisihlabani sebhola laseNingizimu Afrika, uBenni McCarthy, angathanda ukubona omunye wabadlali abasebancane abavelele kuleli, uRelebohile Mofokeng edlala phesheya.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala kulindeleke ukuthi ayishiye i-Orlando Pirates kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali kanti emasontweni edlule kubikwe ukuthi ufunwa amaqembu ase-United States, Israel, namanye amazwe.

Nokho, uMcCarthy, okusenguyena yedwa umdlali wakuleli owake wanqoba isicoco se-UEFA Champions League, uthe uyafisa ukubona lo mdlali ethuthuka e-Europe.

UMcCarthy wafulathela elakuleli esemncane wayojoyina i-Ajax Amsterdam kwiligi yaseNetherlands, i-Eredivisie. Waqhubeka wadlalela amaqembu okubalwa kuwona iCelta Vigo yaseSpain neFC Porto yasePortugal lapho anqoba khona isicoco seChampions League ngaphansi kukaJosé Mourinho, iBlackburn Rovers neWest Ham United, ngaphambi kokuthi abuyele kuleli azodlalela iPirates.

"Sengimbuke izikhathi eziningi, futhi ngicabanga ukuthi angaya kude ebholeni. Ibhola uyalazi futhi unomqondo wabadlali besizukulwane sami," kusho uMcCarthy, oqeqesha iqembu lesizwe laseKenya, engxoxweni ne-website i-betonlinepromocodes.

"Uhamba phambili kakhulu uma umqhathanisa nabanye abadlali bamanje. Ngicabanga ukuthi unakho okudingekayo e-Europe. Ngingamluleka ukuthi athole indlela yokuyodlala e-Europe. INingizimu Afrika inabo abadlali abahamba phambili kodwa akufanele baphelele kuleli zwekazi.

"Uma udlala e-Europe uthola ithuba lokudlala nabadlali abesezingeni eliphezulu kakhulu emhlabeni. Ufunda ukuzimela.”

UMcCarthy ubona ukudlala e-Europe kuyiyona ndlela yokuthi abadlali baseNingizimu Afrika bazibonakalise.

"Ngicabanga ukuthi kufanele acabange ukuya kwiligi yaseScotland bese eyakhuphuka. Amaqembu afana neRangers neCeltic ahlezi ebadinga abadlali abahlaselayo angabathuthukisa ngaphambi kokubadayisela amaqembu  amakhulu," uqhube kanje uMcCarthy.

“Abanye abadlali bayakujabulela ukuhlala e-Afrika, baphile kahle, kodwa isasasa ligcina lehlile uma bengazivivinyi ngokwanele. E-Europe ungakhuphukela kwiligi yaseNetherlands noma ePortugal.

"Uma uphumelela lapho kuba lula ukuheha amaqembu adlala kwiPremier League (e-England). Ngicabanga ukuthi unalo ikhono, futhi udinga ukuzinika ithuba."