Ezemidlalo Ibhola

UMailula usalambele ukudlala phesheya

Xolile Mpisane|Published

UCASSIUS Mailula ngesikhathi edlalela iWydad Athletic kwiFifa Club World Cup.

Image: BACKPAGEPIX

USAZIMISELE ngokuzakhela igama phesheya umdlali wakuleli, uCassius Mailula, yize engenayo inkinga yokubuyela ekhaya uma izinto zingalungi.

Lo mdlali (24) owakhulela enkulisa yeMamelodi Sundowns, wadlala okokuqala esigabeni esikhokhelayo kuleli qembu, wathola ithuba lokuyodlala phesheya ngesikhathi esayiniswa yiqembu laseCanada, iToronto FC, ngo-2023.

Ngemuva kokulizwa ngendaba ijezi kwiligi iMajor League Soccer, ubolekiswe eqenjini laseMorocco, iWydad Athletic, ngesizini ka-2024/25, lapho edlale khona imidlalo engu-36, washaya amagoli ayisikhombisa.

Ubudlelwano bakhe neWydad buphelile ngesikhathi leli qembu liphuma kwiFifa Club World Cup, ebibanjelwe e-United States, lapho eshaye khona igoli elilodwa.

Inkontileka yakhe neToronto izophela ngonyaka ozayo kodwa inombandela wokuthi bangayelula ngomunye unyaka.

Nokho, ophethe izindaba zalo mdlali, uKarabo Tshabuse, ukuqinisekisile ukuthi leli qembu livumile ukuthi lingamdayisa uma kukhona elinye elizimisele ngaye.

"Ngeke ngiyihlikize indaba yokubuyela ekhaya kodwa kungancika ekutheni iqembu lifika nani futhi linaziphi izinhlelo ngami. Kungenzeka noma yini ebholeni," kusho uMailula ohlelweni iSports Night Amplified emsakazweni iMetro FM.

"Ngiyazi ukuthi nginephupho elikhulu futhi inhloso yami kusewukudlala e-Europe. Ngizoqala ngokubheka ukuthi yini engigayithola khona noma kwamanye amaligi amakhulu. Ngisenenkontileka neToronto ngakho-ke kufanele ngibahloniphe, futhi ngiyakholwa ukuthi  kuningi engisengabenzela khona."

UMailula uqhube wathi uma kwenzeka ebuyela kuleli, uzoqale abheke iqembu lakhe lakudala, iSundowns, ngaphambi kokuhlaziya ukuthi amanye amaqembu aphetheni.

"Ngiyayithanda iSundowns, iyikhaya lami. Ngicabanga ukuthi umengameli kanye nosihlalo bayazi ukuthi leli qembu liyisithandwa sami sokuqala. Ngingaqala kwiSundowns ngaphambi kokuthi ngilalele amanye amaqembu,” uchaze kanje.

UTshabuse uthe okwamanje basaxoxa namaqembu amathathu angaphandle okungelase-Egypt, elakwelinye lamazwe ase-Middle East nelidlala kwenye yamaligi amancane ase-Europe.