NGABE uSiphesihle Ndlovu ukhuluma neKaizer Chiefs ocingweni? Esithombeni lo mdlali ujabulela ukuhlabana kwakhe ngomklomelo womdlali ovelele wosuku weBetway Premiership
Image: BACKPAGEPIX
AKEKHO esikwatini seSuperSport United uSiphesihle Ndlovu omataniswa neKaizer Chiefs.
AMatsatsantsa A Pitori ayaqhubeka nokuziqeqesha ekomkhulu lawo ePitoli yize kusabalele amahlebezi okuthi selidayisiwe leli qembu elinomlando okungelula ukuwucisha kwi-Premier Soccer League (PSL).
UNdlovu noThulani Hlatshwayo, abaphelelwe yizinkontileka kwiSuperSport ezinsukwini, yibona kuphela abadlali abebengekho ngesikhathi leli qembu liziqeqesha ngoLwesibili ngaphansi kwesandla sika-Andre Arendse.
Ngokusho komthombo weSolezwe, oRicardo Goss, Nyiko Mobbie noGrant Johnson abebekwiBafana Bafana edlale eyobungani neTanzania neMozambique ngokwahlukana muva nje, bona banikwe ikhefu elengeziwe.
Asemoyeni amahlebezi okuthi iSuperSport isidayiselwe iziqumama zaseBloemfontein ngenhloso yokuvusa iCeltic eyehlelwa okufanayo nokubikwa kwiSuperSport.
Ngo-2021 iCeltic yathengwa isiqumama saseThekwini, uShauwn “MaMkhize” Mkhize, wayiqamba ukuthi iRoyal AM okuyigama lendodana yakhe u-Andile Mpisane.
Sekungumlando ukuthi neRoyal AM ayisekho kwi-PSL kwazise yaxoshwa yile nhlangano kulandela ukuphula kwayo imigomo eminingi eyayizibophezele kuyona.
UNdlovu, owagqama kwiMaritzburg United ngaphambi kokudlulela kwi-Orlando Pirates, ungomunye wabadlali abamataniswa neChiefs.
Nakuba leli qembu laseNaturena liimemezele abadlali abathathu ngoLwesibili lithembise ukuthi aliqedile, okwenza kulindeleke ukuthi uNdlovu ajoyine iChiefs eNetherlands lapho iyolungiselela khona ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.
Amakhosi amemezele uFlavio Silva owumgadli wasePortugal, uNkanyiso Shinga wakuleli kodwa naye emthole ePortugal no-Ethan Chrilett obedlalela iPort Vale egijima kuLeague One wase-England.
Related Topics: