Ezemidlalo Ibhola

Kuzoqhuthana izinkunzi zase-Europe kuma-quarterfinal koweFifa

Xolile Mpisane|Published

INYAMAZANE yeReal Madrid, uVinicius Junior, ngomunye wabadlali abebewuhlupho ngesikhathi inqoba iJuventus koweFifa Club World Cup.

Image: EPA

I-REAL Madrid neBorussia Dortmund bawagwemile amakhasi kabhanana ashibilikise amanye amaqembu amakhulu ase-Europe kwiLast 16 yeFifa Club World Cup, bezibekisela izindawo kuma-quarterfinal.

IMadrid inqobe umdlalo obunzima obekungenzeka noma yini kuwona, idlula ngo 1-0 kwelinye iqembu lase-Europe elinomlando, iJuventus.

Igoli eliweze iqembu likaXabi Alonso kulo mdlalo obuseHard Rock Stadium, eMiami, ngolwesibili ebusuku, libekwe enethini ngekhanda umgadli osemncane, uGonzalo García, maphakathi nesiwombe sesibili.

Komunye umdlalo obudlalelwa eMercedes Benz Stadum, e-Atlanta, ngoLwesithathu ezintathakusa, iBorussia Dortmund iguqise iMonterrey ngo 2-1.

USerhou Guirassy ube yiqhawe eshayela iDortmund amagoli amagoli esiwombeni sokuqala, iMonterrey yazama ukubuya ngelikaGermán Berterame kwesesibili kodwa kwagcina kungalunganga.

Le miphumela isho ukuthi abathandi bebhola sebengalangazelela imidlalo emine yama-quarterfinal ezoba sezingeni eliphezulu ngempelasonto.

UMGADLI weBorussia Dortmund, uSerhou Guirassy, ejabulela elinye lamagoli awashaye benqoba iMonterrey kwiFifa Club World Cup.

Image: EPA

Iqembu laseBrazil, iFluminense, lizobhekana no-Al-Hilal ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku. Womabili la maqembu achayise awase-Europe kwiLast 16 njengoba iFluminense ikhiphe i-Inter Milan, i-Al Hilal yawashisa iManchester City ijezi.

IPalmeiras izotholana phezulu neChelsea ngoMgqibelo ngo-3 ekuseni, lapho iqembu laseBrazil lizobe libheke ukubalwa namaqembu athole imiphumela emihle ebhekene nawase-Europe kulo mqhudelwano.

Omunye wemidlalo ezobe ibhekwe ngabomvu ozobe uphakathi kweParis Saint-Germain neBayern Munich ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Kuzovuka amagqubu omdlalo wamanqamu we-UEFA Champions League wango-2020 owanqotshwa yiBayern ngo 1-0.

Amanye amaqembu asanda kuhlangana kowamanqamu weChampions League nyakenye, iReal Madrid neBorussia Dortmund, bazobhekana kwi-quarterfinal yokugcina ezobe ngo-10 ebusuku ngoMgqibelo.

Imidlalo eyandulela owamanqamu izodlalwa ngoLwesibili nangoLwesithathu ebusuku, bese owamanqamu udlalwa ngeSonto ebusuku.