UZISHAYA isifuba ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo kwiFifa Club World Cup nakuba liphume esigabeni samaqoqo ukaputeni weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams.
ISundowns ilale isithathu kuGroup F ngamaphuzu amane, ngemuva kweBorussia Dortmund yaseGermany neFluminense yaseBrazil, yahluleka kanjalo ukudlulela esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano oqhubekayo e-United States.
Leli qembu, elingompetha baseNingizimu Afrika, livule lo mqhudelwano ngokunqoba i-Ulsan HD yaseSouth Korea ngo-1-0, lahlulwa yiDortmund ngo 4-3, ngaphambi kokubambana ngo 0-0 neFluminense kowokugcina.
UWilliams ukholwa wukuthi balimele kahle iqembu kanye nezwe lonkana yize kwale kancane badlulele kwiLast 16.
“Angicabangi ukuthi baningi abantu abebesibona sinethuba lokwenza kahle kuleli qoqo kodwa sifike laphaya sakhombisa ukuthi singobani nokuthi singakwazi ukuqhudelana namaqembu ahamba phambili,” kusho uWilliams.
“Sifundile ukuthi singadlala kahle namanye amaqembu amakhulu aqhamuka emazweni ahlukene. Sifundile ukuthi kuleli zinga akufanele udlale ngamathuba ngoba amaqembu esibhekane nawo awadingi amathuba amaningi ukuze akulimaze futhi avala kahle nasemuva.
“Sifunde izifundo eziningi ezibalulekile esinethemba lokuthi zingasisiza ngesizini entsha, ukuya phambili njengeqembu, izifundo ezizosisiza ukuthi sikhule. Ngiyaziqhenya ngabafana ngomzamo wabo omangalisayo kuyona yomithathu imidlalo.
“Inhloso yethu bekuwukuthola okungenani amaphuzu amane futhi besithemba ukuthi lokho kuzokwanela ukusiyisa emzuliswaneni olandelayo kodwa kwacaca ukuthi sidinga okudlula lokho."
Ukuphuma kweSundowns kuqinisekise ukuthi izwekazi lase-Afrika ngeke limeleleke kwiLast 16 kulo mqhudelwano obunamaqembu angu-32 okokuqala kulo nyaka.
AmaSandawana abedlala kuwona okwesibili kwazise awudlala ngesikhathi engompetha base-Afrika ngo-2016, usadlalwa amaqembu ambalwa.
“Ngiyaziqhenya ngeqembu lonke, abaqeqeshi nabadlali ngendlela abalwe ngayo. Kuyangithokozisa ukuthi abantu sebenesinye isithombe esihle ngebhola laseNingizimu Afrika.
“Siwenzile amaphutha, ikakhulukazi ngesikhathi sibhekene neDortmund futhi bekufanele sishaye inqwaba yamagoli uma ubheka amathuba amahle esiwakhile kuyona yomithathu imidlalo.
"Sizofunda, sikhule futhi sizosebenzisa yonke imininingwane esizoyithola uma sesihlaziya ukuze sithuthuke. Ngicabanga ukuthi sibakhombisile abantu uhlobo lwebhola eslidlalayo olwaziwa nge-"shoeshine and piano”," uphethe kanje uWilliams.