Ezemidlalo Ibhola

UKhoza uzomqondisa uMbule kwiPirates: Moloi

Zakhele Xaba|Published

UTEBOHO Moloi owayeyiphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates akangabazi ukuthi usihlalo weZimnyama, u-Irvin Khoza, uzomfaka endleleni umdlali omusha, uSipho Mbule, odume ngokuhlupha ebholeni laseMzansi. 

UMbule wethulwe njengomdlali omusha wePirates ngesonto eledlule, emuva kokuthi inkontileka yakhe ingavuselelwanga yiMamelodi Sundowns ebimbolekise kwiSekhukhune United ngesizini edlule. Ukuhluleka ukuziphatha kukaMbule, okuhambisana nokudla amanzi amponjwana, kwavela eminyakeni edlule esadlalela iSuperSport United. Lokhu kwaphinda kwavela esekwiSundowns. wagcina ebolekiswa. Nangesizini edlule, ukwenzile kwiSekhukhune, waxoshwa. 

Ngempelasonto kusabalale ama-video nezithombe lapho uMoloi, owayedlalela iPirates eminyakeni edlule, ebekhuluma khona nabadlalali abasha. Ubehambisana nokaputeni bakudala beZimnyama okungu-Edward Motale, Lucky Lekgwathi, Happy Jele no-Innocent Maela osanda kuphanyeka amakhokho emgibeni. Abanye abadlali abasha bePirates nguYanela Mbuthuma (Richards Bay), Tshepang Moremi (AmaZulu), Sihle Nduli (Stellenbosch), Sinoxolo Kwayiba (Chippa United), Nkosikhona Ndaba (Richards Bay), Tshepo Mashiloane (Baroka) noMasindi Nemtajela (Marumo Gallants).

"Kubalulekile ukuthi bazi ukuthi iyini iPirates. U-Eddie ubekhona ngoba wayekhona siwina indebe yase-Africa (Caf Champions League) ngo-1995, uLekgwathi waqukula izindebe eziyisithupha kumasizini amabili, uHappy naye uwine izindebe nePirates. UMaela besimdinga ngoba usanda kuyeka ukudlala ngakho bazomuzwa kangcono uma ebatshela okulindelekile njengoba siya ekhempini eSpain. Abadlali bamanje abanalo ulwazi futhi abanakho ukuthi bakhule befuna ukudlalela iPirates, bayadlala nje. IPirates ifana neqembu lesizwe, njengoba usihlalo ehlala esho ukuthi impilo yakho iyashintsha uma ususayine kuyona. Ulindeleke ukuthi ushaye into ecokeme njalo uma usenkundleni. Abalandeli badinga imiphumela emihle zibekwa, asikho isikhathi sokuthi usajwayela. Engibatshele khona wukuthi abajabulise abanikazi beqembu, okungabalandeli," kusho uMoloi.

Nakuba abalandeli bePirates bejabule ngezinduku ezintsha kodwa kunokukhathazeka ngoMbule. Eminyakeni edlule babekhona abadlali ababehluleka ukuziphatha kwiPirates kodwa bagcina bexoshiwe. Kulaba badlali kubalwa uNkanyiso Zungu owayexoshwe kuMaZulu noGabadinho Mhango osesayiniswe yiRichards Bay phezu kokuba yinkathazo kwiGallants.

"UMbule uzoqonda kwiPirates, ngeke ahluphe. Ufike eqenjini elifanele. Usihlalo ungubaba futhi akafuni ukubona ingane yomuntu omnyama ihlupheka, ikakhulukazi enethalente. USipho akayena umdlali wokuqala ohluphayo ofike kwiPirates. Nami nganginakho ukuphuma endleleni, ukuba zazikhona izinkundla zokuxhumana ngabe kwavela izinto ezinkulu. Usihlalo wasiqondisa. Ngisho uJabu (Mahlangu) wafika kwiPirates edume ngokuhlupha kodwa waqonda kwiPirates. Uma abantu becabanga ukuthi uSipho uzohlupha kwiPirates, ngeke kwenzeke. Ungumdlali othanda ukudlala enkundleni egcwele, lokho uzokuthola kwiPirates. Uyazi ukuthi ukuze athole lelo thuba kuzofanele aziqoqe, ajime njalo," kusho uMoloi.