ISITOBHA seMamelodi Sundowns, uGrant Kekana, sifuna benze okungcono emidlalweni yomkhumulajezi ngesizini ka-2025/2026
Image: BACKPAGEPIX
UMDLALI wasemuva weMamelodi Sundowns, uGrant Kekana, uthi iqembu kumele lifunde emaphutheni eliwenze ngesizini ka-2024/25, ukuze lithuthuke futhi lizuze okungcono ngesizini ezayo.
AmaBrazilian aqophe umlando ngokuba yiqembu lokuqala eliphakamise indebe entsha yeligi yeBetway Premiership. Lokhu kusho ukuthi selinqobe isicoco seligi yaseNingizimu Afrika amahlandla ayisishiyagalombili kulandelana.
Nakuba amaSandawana ephinde azihambela wodwa kwiligi yakuleli, akuwahambelanga kahle emiqhudelwaneni yomkhumulajezi.
Anqotshwa yiMagesi FC kowamanqamu weCarling Knockout Cup, ashaywa yiPyramids FC yase-Egypt kowamanqamu weCAF Champions League. Lenzekile ishobolo nakwenzile izindebe ngesikhathi ekhishwa yiStellenbosch FC kuma-quarterfina eMTN 8, neKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu weNedbank Cup.
Leli qembu laseTshwane lahlulwa yi-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN 8 ngo-Okthoba ka-2023 nakoweNedbank Cup ngoJuni, nyakenye.
Lagcina ukuphakamisa indebe yomkhumulajezi ngoNovemba ka-2023, linqoba iWydad Atheltic yaseMorocco kowamanqamu we-African Football League.
“Kubuhlungu kithina ukusebenza kanzima kangaka, sifinyelele emidlalweni yamanqamu kodwa singakwazi ukuphakamisa indebe,” kusho uKekana.
"Yinto esijwayele ukwenzeka okufanele siyiqede. Kodwa-ke sisengaziqhenya ngesikwenzile futhi sikusebenzise ngesizini ezayo.
"Sibe neshwa kowamanqamu weCaf kodwa yilapho esifisa ukuba khona, yilapho esifuna ukukhonya khona."
UKekana nozakwabo sebezohlaba ikhefu elifishane ngemuva kwazise kade bedlala kwiFifa Club World Cup, ngaphambi kokubuya bezolungiselela isizini ka-2025/26.
Lo mdlali wasemuva uthe nakuba bephoxekile ngokukhishwa esigabeni samaqoqo, kuningi abakufundile kulo mqhudelwano e-United States.
"Sifunde ukuzethemba. Kwesinye isikhathi sibuka izinto kwithelevishini sicabange ukuthi ngeke sifike lapho. Siqhudelane kahle namaqembu ebesiqhathwe kahle, sadlala kahle, singaziqhenya ngalokho," usho kanje.
“Kusobala ukuthi kusekuningi okufanele sikufunde. Siwabonile amaphutha esiwenzile emuva, nenqwaba yamathuba esiyimoshile phambi kwamapali.
"Kumele siphumule kahle kula masonto amabili noma amathathu alandelayo, bese sibuya sesikulungela ukuqala kabusha. Isizini ezayo izosinikeza elinye ithuba lokwenza kangcono."
Related Topics: