UMDLALI weManchester City , uPhil Foden, eshaqwe ukukhishwa kwabo yi-Al Hilal kwiLast 16 yeFifa Club World Cup.
Image: EPA
IQHUBEKILE nokukhiqiza imiphumela emangazayo iFifa Club World Cup yanonyaka njengoba amaqembu anomlando e-Europe nakulo mqhudelwano, i-Inter Milan neManchester City, bekhishwe kwi-Last 16.
Uhambo lwe-Inter luphele ngesikhathi iqunjwa phansi yiqembu laseBrazil, iFluminense, ngo 2-0, emdlalweni obuseBank of America Stadium, edolobheni iCharlotte, ngoMsombuluko ebusuku.
Igoli lokuqala lishaywe ngumgadli uGerman Cano umdlalo usanda kuqala, isipikili sokugcina sashayelelwa ngumdlali wasesiswini, uHercules, usuyophela.
I-Inter, eyaphakamisa indebe yeFifa Club World Cup ngo-2010, ingene kulo mqhudelwano ingelinye lamaqembu abethwelwe ngeqoma kwazise isanda kufinyelela kowamanqamu we-UEFA Champions League lapho inqotshwe khona yiParis Saint-Germain.
UMGADLI weFluminense, uGerman Cano, oshaye igoli lokuqala benqoba i-Inter Milan ngo 2-o koweLast 16 kwiFifa Club World Cup.
Image: EPA
Ukudlula kweFluminense kuchaza ukuthi asezoba mabili amaqembu aseBrazil kuma-quarterfinal alo mqhudelwano njengoba iPalmeiras izibekisele indawo ngokuhlula elinye laseBrazil, iBotafogo, ngo 1-0.
Khonamanjalo, iqembu ebelivikela isicoco seFifa Club World Cup, iManchester City, nalo liwashiswe ijezi esigabeni sokuqala somkhumulajezi ikhishwa elaseSaudi Arabia, i-Al Hilal, ngo 4-3 eCamping World Stadium, e-Orlando, ngoLwesibili ekuseni.
Iqembu likaPep Guardiola lihambe phambili ngegoli likaBernardo Silva, uMarcos Leonardo washayela i-Al Hilal elokulinganisa kusanda kubuywa ekhefini.
I-Al Hilal ibe isihamba phambili ngegoli likaMalcom, ngaphambi kokuthi u-Erling Haaland atholele ezakhe elokulinganisa maphakathi nesiwombe sesibili, umdlalo waphela ngo 2-2.
Kuyiwe kwi-extra time lapho inethi iphinde yabhakuza khona. UKalidou Koulibaly uphinde wabeka iHilal phambili ngekhanda, iCity yabuya ngegoli likaPhil Foden.
Nokho, kuthe sekusele imizuzu ukuthi umdlalo uphele uLeonardo waphinde waba yiqhawe, eshaye iqembu lakhe igoli elilifake kuma-quarterfinal.
ISITOBHA se-Al Hilal, uKalidou Koulibaly, ejabulela igoli lakhe nozakwabo ngesikhathi benqoba iManchester City kowomkhumulajezi weFifa Club World Cup.
Image: EPA
IFluminense ne-Al Hilal bazolwela indawo kowandulela owamanqamu uma sebehlangana kuma-quarterfinal ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku.
Kuzocaca kusihlwa nakusasa ezintathakusa ukuthi yimaphi amaqembu amabili azothatha izindawo zokugcina kuma-quarterfinal.
IReal Madrid izodudulana neJuventus eHard Rock Stadium, eMiami, ngoLwesibili ngo-9 ebusuku, bese iBorussia Dortmund itholana phezulu neMonterrey eMercedes Benz Stadium, e-Atlanta, ngoLwesithathu ngo-3 ezintathakusa.