ABADLALI beKaizer Chiefs abafuni ukuzixaka ngekusasa lomqeqeshi, uNasreddine Nabi, okungakacaci ngaye.
IChiefs esiqalile ukuziqeqesha, ilungiselela ukuyozicijela ukuqala kwesizini ka-2025/2026 eNetherlands, izofulathela leli ngoJulayi 3, ibuye ngoJulayi 19. Ziningi izinguquko ezilindelekile eNaturena okubalwa kuzoba ukusayiniswa kwabadlali abasha. Izolo, iChiefs iqinisekise ukuthi isihlukene nomdlali wasesiswini, uMduduzi Mdantsane obebolekiswe kwiRichards Bay FC ngesizini edlule. UMdantsane ulandele abadlali okubalwa kubona uRanga Chivaviro, Edmilson Dove, Sabelo "Bibo" Radebe noNjabulo Blom obuyele eqenjini lakhe e-USA. Kubadlali abamataniswa naMakhosi kukhona u-Etiosa Ighodaro waseNigeria obebolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaZulu ngesizini edlule. Abanye yizitobha se-Orlando Pirates, uPaseka Mako noThabiso Monyane.
Nakuba izikhulu zimatasa eNaturena kodwa kusenemibuzo ngekusasa likaNabi okuvalwe isizini edlule sekunezindaba zokuthi uzokhonjwa indlela. Lokhu kubhebhethekiswe yinkulumo yesikhulu, uKaizer Motaung Junior, ethi basazohlala phansi nomqeqeshi babhunge ngekusasa lakhe phezu kokuba eqede ishobolo leminyaka ngokuwinisa iqembu iNedbank Cup.
Umdlali wasesiswini weChiefs, uThabo Cele, uthe abafuni ukuyifaka emakhanda indaba yomqeqeshi.
"Lezo yizinto ezikhulunyawo ngaphandle kodwa thina sigxila kulokhu okufanele sigxile kukhona, sikhulume ngalokhu okufanele sikhulume ngakho okuwukuzama ukulungisa iqembu. Ngibona sizokuthola esikudingayo siyisizwe saMakhosi. Nakuba siphumelele ukuzuza lokhu esikuzuzile kodwa ngikholwa wukuthi sisengazuza okuningi," kusho uCele.
IChiefs ezoyibuka nezihlwele imidlalo yomqhudelwano iMTN8, isemkhankasweni wokubumba inqanawe yeqembu elizovala igebe eliphakathi kwayo nezimbangi iPirates neSundowns enqobe isicoco seligi yeBetway Premiership ihlandla lesishiyagalombili kulandelana. Ngaphezu lwalokho, ibheke ukuhamba ibanga elide kwiCaf Confederation Cup.
"IKaizer Chiefs ingakwazi ukuwina izindebe ezinkulu. Thina singabadlali siyabona ukuthi singaba yiqembu eliwina izinto ezinkulu kodwa lokho kunesikhathi sakho. Sidinga ukugxila kulokhu esingakwenza kancane, kancane. Ukwakha iqembu kuthatha isikhathi, ngakho sizama ukwenza lokho," usho kanje uCele.
ENetherlands, iChiefs izodlala imidlalo yobungani neFC Utrecht ngoJulayi 11, neNEC Nijmegen ngoJulayi 12.
Related Topics: