Ezemidlalo Ibhola

EzikaMagebhula zethule abadlali abasha

Nonkululeko Nhlapo|Published

EzikaMagebhula zethule abadlali abasha

Image: Orlando Pirates

Emuva kwamasonto okuqagela namahemuhemu ezinkundleni zokuxhumana, i-Orlando Pirates Football Club isiqinisekise ngokusemthethweni ukuthi isisayinise uYanela Mbuthuma (osuka eRichards Bay), Masindi Nemtajela (Marumo Gallants), Tshepang Moremi (Amazulu), Nkosikhona Ndaba (Richards Bay), Sinoxolo Kwayiba (Chippa United), Tshepo Mashiloane (Baroka), noSihle Nduli (Stellenbosch).

Isivuno esisha sabadlali sizojoyina ozakwabo namhlanje okungusuku lokuqala lokulungiselela isizini entsha.

Lolu suku luzohlanganisa uchungechunge lwezinhlelo zokuhlolwa kwempilo nomzimba, okuyisinyathelo esibalulekile sokuqinisekisa ukuthi wonke umdlali uhlomele ubunzima bomkhankaso ozayo.

Odokotela beqembu kanye nabaqeqeshi bokuzivocavoca bazohlola abadlali ngokucophelela ukuqinisekisa ukuthi kulandela yonke imigudu efanele futhi nabadlali bakubeka emqondweni ukulungela umsebenzi ozayo. Kulandela ukuhlolwa - abadlali abasha bazothathwa bafakwa ohlelweni lokungeniswa ngokosiko olutholwa yibo bonke abadlali abasha.