Ezemidlalo Ibhola

EzikaRiveiro ziphume zilwile koweFifa

Xolile Mpisane|Published

UMGADLI we-Al Ahly, uWessam Abou Ali, ushaye amagoli amathathu ngesikhathi bedlala ngokulingana ngo 4-4 nePorto kowamaqoqo weFifa club World Cup.

Image: EPA

I-Al Ahly ibe yiqembu lokuqala lase-Afrika eliwashiswe ijezi kwiFifa Club world Cup, iqeda emsileni kuGroup A ngamaphuzu amabili emidlalweni emithathu. 

Leli qembu elicijwa umqeqeshi waseSpain ohlale iminyaka kwi-Orlando Pirates, uJose Riveiro, kwale kancane ukuthi liwunqobe umdlalo walo wokugcina kuleli qoqo, kodwa labanjwa elasePortugal, FC Porto, ngo 4-4 eMetLife Stadium ngoLwesibili ekuseni.

UWessam Abou Ali uhlohle amagoli amathathu, elinye lashaywa ngu-Ali Ben Romdhane, iPorto yabuya ngamagoli ka-Rodrigo Mora, William Gomes, Samu Aghehowa nelokugcina lokulinganisa elishaywe ngumakadebona uPepe ngomzuzu ka-89.

Womabili la maqembu abesevalalelisa kulo mqhudelwano kwazise iPorto nayo iqede endaweni yesithathu ngamaphuzu amabili.

Amaqembu adlulele kwiLast 16 kube yiPalmeiras yaseBrazil ne-Inter Miami yase-United States, abaqoqe amaphuzu amahlanu iqembu ngalinye.

IPalmeiras ibuye isilandela emuva ngamagoli amabili, yadlala ngokulingana ne-Inter Miami ngo 2-2, nokwenze leli qembu laseBrazil liqhwakele kuleli qoqo ngenxa yeibalo samagoli 

KuGroup B kudlule ompetha bese-Europe, iParis Saint-Germain, eqede esicongweni ngamaphuzu ayisithupha emidlalweni emithathu ngesikhathi inqoba iSeattle Sounders yase-United States ngo 2-0. 

Nakuba iBotafogo yaseBrazil ikhale ngaphansi ngo 1-0 emdlalweni wayo ne-Atletico Madrid kodwa nayo izibekisele indawo kwiLast 16 ngenxa yesibalo samagoli esithe xaxa. Womabili la maqembu nawo ahlanganise amaphuzu ayisithupha.

Azoqhubeka nokusefeka amaqembu azodlulela esigabeni somkhumulajezi njengoba isisongwa imidlalo yamaqoqo. 

IBayern Munich izotholana phezulu neBenfica kowokusonga uGroup C ngoLwesibili ngo-9 ebusuku, kuthi i-Auckland City ibhekane neBoca Juniors ngesikhathi esifanayo.

IBayern iqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu ayisithupha, kulandele iBenfica ngamane, iBoca ngelilodwa kanti iCity isemsileni ngeqanda. 

Kweyokusonga uGroup D, i-Esperance yaseTunisia izogadulisana neChelsea ngoLwesithathu ngo-3 ezintathakusa, iLA FC idlale neFlamengo ngesikhathi esifanayo.

IFlamengo ihleli kahle esicongweni ngamaphuzu ayisithupha, kulandele iChelsea ne-Esperance ngamathathu iqembu ngalinye, bese iLAFC iba semsileni ngeqanda.