UMGADLI weCasric Stars, uKermit Erasmus, ngomunye wababhekwe ukuthi bayitholele amagoli kowokuhlunga ne-Orbit College namuhla ntambama
Image: Isithombe: BACKPAGEPIX
KUNGASHONA elanamuhla sekuneqembu elihamba lodwa phambili kumaPSL Playoffs njengoba iCasric Stars izodudulana ne-Orbit College kowokuhlunga ozodlalelwa eSolomon Mahlangu Stadium KwaMhlanga, eMpumalanga, ngo-3 ntambama.
La maqembu aqede endaweni yesibili neyesithathu kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini ka-2024/25, asembangweni wokudlala kwiBetway Premiership ngesizini ezayo neqembu eliqede endaweni ka-15 kulesi sigaba esiphezulu, iCape Town City.
Njengamanje womathathu la maqembu abambene ngamaphuzu amabili emidlalweni emibili kwazise yonke eyokuhlunga esadlaliwe iphele ngokulingana.
Emdlalweni wokuvula ngoJuni 11, i-Orbit neCasric babambana ngo 0-0 e-Olympia Park Stadium. I-Orbit ibambane ngo 0-0 neCape Town City eCape Town Stadium ngoJuni 14.
ICasric neCity baphinde balahla elinye ithuba lokuqoqa amaphuzu amathathu ngesikhathi bedlala ngokulingana ngo 1-1 eSolomon Mahlangu Stadium ngoLwesithathu.
Yize iCasric ilinganise ngephenathi umdlalo usuzophela kodwa umqeqeshi wayo uJoseph Mthombeni ukholwa wukuthi bamoshe inqwaba yamathuba, okuyinto afuna bayigweme namuhla ntambama.
“Lo mdlalo bekufanele siwunqobe kalula, uma ungabheka amathuba esiwakhile bekufanele sishaye okungenani amagoli amahlanu, sagcina sithole igoli elilodwa nephuzu elilodwa eKapa,” kusho uMthombeni.
"Impi isaqhubeka. Le midlalo yokuhlunga izokhumbuleka emlandweni. Sizozama ukuthatha amaphuzu amathathu kolandelayo ukuze siqhwakele kwi-log. Sizolungisa okufanele sikulungise bese siqhamuka necebo elehlukile."
Umqeqeshi we-Orbit, uPogiso Makhoye, naye ukholelwa ekutheni iqembu lakhe lizowalungisa amaphutha eliwenze emdlalweni wakamuva neCity.
“Sivale kahle emuva kodwa ngeshwa asikakwazi ukusebenzisa amathuba ethu. Yizona zinto okumele sizilungise ngaphambi komdlalo olandelayo,” kusho uMakhoye.
“Nangesizini ephelile bekunzima ukuthi sithole amaphuzu aphelele ekhaya kodwa ngisenalo ithemba ngoba sijwayele ukudlala kahle uma sisekuhambeni.”
Umdlalo olandelayo we-Orbit uzoba sekhaya neCape Town City ngoLwesithathu ntambama, bese iCasric Stars isonga le midlalo yokuhlunga neCitizens eKapa ngoJuni 30.
Related Topics: