ISITOBHA saseMozambique, u-Edmilson Dove, esidedelwe yiKaizer Chiefs ngemuva kweminyaka emithathu sigijima kuleli qembu.
Image: BACKPAGEPIX
ISITOBHA saseMozambique, u-Edmilson Dove, sibonge iKaizer Chiefs ngokusinika ithuba lokudlalela elinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika kulandela ukuqinisekiswa kwezindaba zokuthi uyalishiya leli qembu laseSoweto.
UDove (30) ubhale umyalezo ekhasini lakhe kwi-instagram ngemuva kokuthi iqembu lidalule ngoLwesibili ukuthi ngeke liyivuselele inkontileka yakhe.
Wajoyina Amakhosi ngo-Agasti ka-2022 ngenkontileka yeminyaka emibili, ephuma eqenjini lasezweni lakhe, i-UD Songo. Ngonyaka odlule ezasePhefeni zasebenzisa umbandela wenkontileka yakhe yokuqala, zayelula ngonyaka owodwa.
Phambilini wake wadlalela elinye iqembu lakuleli, iCape Twn City, eyamthenga kwelinye iqembu laseMozambique, iFerroviário, ngo-2017.
“Ngithanda ukubonga usihlalo (Kaizer Motaung) ngokuvumela mina nomndeni wami ukuba sibe yingxenye yomndeni waMaKhosi, nangokungivumela ukuthi ngifeze iphupho engaqala ukuba nalo ngisemncane,” kusho uDove.
"Kube wuhambo olumangalisayo olungiholele ekutheni ngikhule njengomdlali nanjengomuntu. Sidlule ebuhleni nasebubini, sakhala izinyembezi saphinde saba nezikhathi ezijabulisayo engizozazisa kuze kube phakade.
"Ngibonga bonke ozakwethu, abaqeqeshi nabo bonke abayingxenye yeqembu engike ngasebenza nabo kuleli qembu. Zonke izinsuku esizichithe ndawonye bezibalulekile futhi ubudlelwano esibakhile abusoze baphela.”
UDove, oyibamba emuva maphakathi nangakwesokunxele, udlale imidlalo engu-56 emiqhudelwaneni ehlukene kwiChiefs. Unqobe isicoco seNedbank Cup ekupheleni kwesizini ka-2024/25, lapho beguqise khona i-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu.
Useke wanqoba nesicoco seMTN 8 neCape Town City ngesizini ka-2018/19 kanye neseligi eMozambique ne-UD Songo ngo-2022.
Waqala ukudlalela iqembu lesizwe laseMozambique ngo-2015 kanti ubeseqenjini lesizwe laseMozambique ebelidlala kwiCosafa Cup esanda kusongwa eBloemfontein.
Related Topics: