Ezemidlalo Ibhola

UCardoso uphika eyengcindezi eqalisa uZwane koweFifa Club World Cup

Zakhele Xaba|Published

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uyakuchitha ukuthi udlalise ukaputeni waleli qembu, uThemba Zwane, ngenxa yengcindezi yabalandeli bebhola baseMzansi abezwakalisa ukungenami ngesikhathi emgquma ebhentshini emdlalweni wamanqamu weCaf Champions League emasontweni adlule.

ISundowns ivule ngewini emqhudelwaneni iFifa Club World Cup yehlula i-Ulsan HD yaseSouth Korea ngo 1-0 ngoLwesithathu ezintatha i-Inter&Co e-United States. Igoli leSundowns lishaywe ngu-Iqraam Rayners esiwombeni sokuqala. Ukuwina kweSundowns kuyibeke eqhulwini kuGroup F kulandela ukudlala ngokulingana ngo 0-0 kweBorussia Dortmund yaseGermany neFluminense yaseBrazil. 

Ukudlala kahle kukaZwane, okhishwe esiwombeni sesibili kowe-Ulsan, kuvuse isilonda kwabaningi abakholwa wukuthi ukuba wadlala ngesikhathi iSundowns ishaywa yiPyramids weChampions League ngabe leli qembu lasePitoli lengeza inkanyezi yesibli ejezini lalo.

Emuva komdlalo ne-Ulsan, uCardoso uthe kube yisinqumo esisuka kuyena sokudlalisa uZwane obuya ekulimaleni okumhlalise isikhathi eside engadlali. 

"Mayelana noThemba, awekho amagqubu kimina, ingcindezi evela eqenjini, kwibhodi, ngendaba yabadlali. Ingcindezi unayo uma ungena emsebenzini wokuqeqesha njengami,"usho kanje uCardoso.

"Okwenzekile wukuthi uThemba uzilungiselele ngokuzikhandla emasontweni amabili, ngakho yileyo ihlonipho okumele sibe nayo. Abantu bakhuluma ngakhulu ngalokho (ukungadlali kukaZwane). Kubukeka sengathi abantu bebengakuqondi ukuthi ubephuma ohlelweni lokukhula, kusukela esekwazi ukungena eqenjini aziqeqeshe. Kubalulekile ukumnika amathuba afanele ukuze adlale kahle, futhi namuhla bekuyithuba elifanele lokuthi adlale. Ngakho bengingenayo inkinga yokumfaka, ngisho ngizifaka engozini yokuthi abantu bacabange ukuthi ngimdlalisa ngenxa yengcindezi.

"Ngithathe isinqumo ngicabangile, ngaphandle kokuphoqwa ngoba ngiyabahlonipha abadlali bami ngendlela yokuthi angidlali ngabo. Konke sikwenza ngobulungiswa, ukwethemba, futhi sinezibophezelo ngaphakathi eqenjini ezidlula umbuzo obuziwe esithangamini nabezindaba."

ISundowns izobuyela enkundleni ngoMgqibelo ngo-6 ntambama isiyogadulisana neDortmud emdlalweni wesibili wesigaba samaqoqo eTQL Stadium, e-Ohio.