YIZE kumthokozisa umqeqeshi weDurban City, uSimo Dladla, ukufezekisa isifiso sokufaka leli qembu esigabeni seBetway Premiership kodwa iyamkhathaza eyokuwuhlaba inhlali kwabaphathi beqembu ngenkontileka yakhe entsha.
Sekungumlando ukuthi ngemuva kwezivuvaba zokugqigqa izinkantolo amasonto amathathu imangalelwa yiJDR Stars neCape Town Spurs ngomdlali wayo, uSaziso Magawana, ngoLwesibili iCity igcine igcotshwe ngokusemthethweni njengompetha besizini ka-2024/25 beMotsepe Foundation Championship. Nokho akucaci ngekusasa likaDladla ophelelwa yinkontileka ekupheleni kukaJuni. Usihlalo weCity, uFarook Kadodia, ubetshele leli phephandaba ukuthi kuzocaca konke ekuqaleni kwesonto elisongwayo.
"Yize ngijabule ngempumelelo yeqembu ngokuphumelela ukukhushulelwa kwalo kwiBetway Premiership, obekuyisifiso sami esikhulu, kodwa angikhululekile ngokungacaci kwekusasa lami njengoba kuze kube manje kungakashiwo lutho ngenkontileka yami entsha. Isivumelwano sami nabaphathi ngaphambi kokuqala kwesizini kwakungesokuthi ngizonikwa inkontileka entsha uma ngiphumelele ukufaka iqembu kwiPremiership, okungumbandela obhaliwe kwinkontileka yami (ephelayo) esengikwazile ukuwufeza," kuchaza uDladla.
"Bengizitshela ukuthi ngemuva kokuphuma kwesinqumo secala kuzobe sekucaca ngenkontileka yami, kodwa kuze kube manje angikezwa lutho ngasohlangothini lwabaphathi, okuyinto esiqala ukungikhathaza ngoba isikhathi siyahamba. Ngifana nomuntu oboshwe izandla ngokungakwazi ukwenza izinhlelo zangesizini ezayo ngabadlali engifisa ukusebenza nabo nengifisa ukubasayinisa njengomqeqeshi ukulungiselela isizini ezayo."
Lo mqeqeshi odabuka eBotha's Hill, eThekwini, usephumelele ukukhuphula amaqembu ezigabeni ezahlukene kusukela kweseSafa ABC Motsepe League, njengoba esegcine ephumelele ukufaka iCity kwesePremiership. Ngesizini ka-2015/16 wahola ngempumelelo iReal Kings yaseHammarsdale kumaPlay-Offs kazwelonke e-ABC Motsepe League, yakhushulelwa kwiChampionship. Kwala kancane ngesizini ka-2020/21 afake iRichards Bay FC kwiPremiership ikhala ngaphansi kumaPromotion PSL Play-Offs. Ngesizini ka-2021/2022 wabanjiswa izintambo kwiMoroka Swallows aqeqesha kuyona iqembu leDStv Diski Challenge, wadlulela nakwelePremiership njengephini lomqeqeshi kodwa wagcina engaqashwanga ngokugcwele. usihlalo weCity, uFarook Kadodia, ubethembise ukuthi kuzocaca maduze.
"Sengiqeqeshe kuzona zonke izigaba zebhola, kusukela kwi-LFA, SAB League (esiyiHollywoodbets), Motsepe League, njengoba manje sekufanele ngiqeqeshe kwiPremiership njengenhloko. Ngizizwa ngithobekile, ngenelisekile ngebanga esengilihambile ekuqeqesheni kuze kube kuleli zinga engikulona manje.
"Bekuvele kuyiqhinga lami ukuthi ngifake iCity kwiPremiership ngokusebenza nomqeqeshi onjengoPitso Dladla oyaziyo le ndlela kwazise naye wakwazi ukufaka iRichards Bay kwiPremiership. Ngaphinda ngalanda abadlali abanjengoKatlego Maphathe, Mphakamiseni Nene noVictor Bakah, ababekhona iThanda Royal Zulu (neRichards Bay) iwina iligi yeFirst Division kumasizini edlule," kusho uDladla.
Related Topics: