UMSHAYISIBHAKELA waKwaZulu-Natal, uLindelani Sibisi, akafuni ukuthembela emajajini uma esebhekene nompetha we-SA Featherweight, uZolisa Batyi, e-East London, ngeSonto.
USibisi (8-2-0) waseDundee, osemkhankasweni wokuzicabela indlela ebheke emabhandeni omhlaba, ukleliswe phezulu ezilinganisweni zeBoxing South Africa (BSA) kwabagaqele ibhande likaBatyi ozobe elivikela okwesihlanu. USibisi ugcine ukungena eringini ngo-Okthoba, nyakenye, ehlula uPeter Ndebo waseTanzania, empini yebhande le-African Boxing Union (ABU) All Africa phambi kwabalandeli bakhe eDundee Hall, eDundee. Impi yakhe noBatyi izoba ngephambili kwezihlelwe yiKB Promotions ezaziwa ngeRoyal Series ezizoba se-Orient Theatre.
Nakuba sekuneminyaka abesibhakela bekhala ngokwenzelela kwamajaji ase-East London, uma abashayisibhakela bakhona bebhekene nabakwezinye izindawo kodwa lesi sihlava sisaqhubeka. Lokhu kuhlala kuletha ukukhathazeka kubashayisibhakela, ikakhulukazi uma kufanele beyolwa nabakule ndawo abaphethe amabhande ngoba kunenkolelo yokuthi amajaji ahlala evuna abashayisibhakela bendawo.
USibisi, oqeqeshwa nguMtuseni Dube, uthe uyakwazi azobhekana nakho e-East London kodwa unalo iqhinga akholwa wukuthi lizomsebenzela.
"Kuyiqiniso ukuthi maningi amathuba okuthi amajaji akwenzele phansi uma uyolwa e-East London kodwa iqhinga lethu elokuthi singawaniki lelo thuba. Kufanele ngilwe ngendlela yokuthi kucacele noma ubani ukuthi yimina owinile. Singawaniki ithuba lokusibamba inkunzi. Uma kwenzeka, kufanele impi ingafiki ekutheni kubalwe amaphuzu ukuze kungabi yisinqumo samajaji,"kusho uSibisi okleliswe endaweni ka-39 emhlabeni yi-Worlf Boxing Council (WBC).
UBatyi (10-2-1) ongomunye wabashayisibhakela asebezakhele isithunzi esibhakeleni saseMzansi, wawina ibhande le-SA Featherweight ngo-2022, ehlula u-Asanda Gingqi. Ulivikele ngempumelelo kabili ku-Abdulaziz Kunert, Jeff Magagane noYamkela Phalisa.
"Kuningi esikwaziyo ngoBatyi futhi nabaqeqeshi bami kuningi abakutholile ngaye, sasebenza ngakho ejimini. Uzovikela ibhande lakhe okwesihlanu. Unamandla futhi unomoya kodwa sikulungele konke lokho."
Uma uSibisi ewina ibhande laseMzansi ngempelasonto, uzoba ngumshayisibhakelwa wesibili ejimini iSibongile Boxing Gym ongumpetha waseMzansi. Uzolandela ezinyathelweni zikaNkosingiphile Sibisi (10-0-0) owine ele-SA Flyweight ehlula uTrevor Nghonyama eMtshezi, nyakenye. Ngaphandle kukaNkosingiphile, iKwaZuu-Natal ishaya ngabanye ompetha baseMzansi okukhona kubona uMapule "Thunder" Ngubane waseMgungundlovu, Thabiso Mchunu waseCato Ridge nabanye.