Mike Makaab
Image: Sigciniwe
OYIMENENJA kaSipho Mbule, uMike Makaab, usebheke iMamelodi Sudowsns ngumdlali ongenaqembu ekupheleni kukaMeyi uma iqembu lakhe iMamelodi Sundowns lingawusebenzisi umbandela wokuvuselela inkontileka yakhe ephelayo kule sizini.
UMbule (35) osemabhukwini eSundowns, ubolekiswe kwiSekhukhune United ekuqaleni kwale sizini lapho afike khona washaya into ecokeme emidlalweni engu-17 ayidlalile, washaya amagoli amabili, waba nesandla kwemithathu.
Nokho, uyilahle ekugcineni esetholakala enecala lokungaziphathi kahle. Lokhu kuholele ekutheni iSekhukhune isheshe imkhulule ingakapheli isizini. Bekungokwesibili etholwa esephutheni elifanayo.
UMakaab obekhuluma nabeGagasi FM, uthe iSundowns isalelwe wukuphela kukaMeyi ukuthatha isinqumo sokusebenzisa umbandela wokuvuselela inkontileka kaMbule nakuba evuma ukuthi lo mdlali amphethe unezinkinga zakhe ezimkhungethe.
“IMamelodi Sundowns isalelwe wukuphela kukaMeyi ukusebenzisa umbandela wokuvuselela inkontileka, uma bengakwenzi lokho uSipho uzoba ngumdlali ongasenaqembu. Uma kufika lapho-ke sizobe sesiqalaza engxenye ukumtholela elinye iqembu,” kusho uMakaab.
“Angikhathazekile ngaye ngoba ungumdlali onekhono. Yebo, yena unezinkinga zakhe futhi akufanele simbandaze ngalokho. Kodwa ungumdlali onekhono engikholwa wukuthi uzosebenza uma ethola elinye ithuba.
Akulula neze njengoba sike sabhekana nesimo esifanayo esikhathini esedlule (ngomdlali onjengoMbule). Sizolusingatha ngokucophelela lolu daba, sibheke zonke izintuba ngethemba lokuthi simsize uSipho athathe izinqumo ezifanele esikhathini esizayo."
Ukungacaci kwekusasa likaMbule odlale amasizini amabili kwiSundowns ngaphambi kokubolekiswa, kubukeka kuzothatha amehlo kulesi sikhathi sokugcogcoma kwabadlali nokuzomenza abe yinyama kwamanye amaqembu ngenxa yekhono lakhe.
Ungomunye wabadlali abathathwe yiSundowns kwiSupersport United benza ezibukwayo , okubalwa uTeboho Mokoena no-Aubrey Modiba abasayibambile kwiSundowns
Related Topics: