UKAPUTENI wamaProteas uTemba Bavuma uthembise ukwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi leli qembu lesizwe libuya naso isicoco se-Test Championship elizobhekana kuyona ne-Australia kozoqala ngoJuni 11 eLords, e-England.
Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers
UKAPUTENI wamaProteas uTemba Bavuma uthembise ukwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi leli qembu lesizwe libuya naso isicoco se-Test Championship elizobhekana kuyona ne-Australia kozoqala ngoJuni 11 eLords, e-England.
UBavuma ukusho lokhu izolo emcimbini wokuvalelisa leli qembu ekomkhulu labaxhasi (Castle Lager) eSandton, eGoli.
Lo mcimbi ubuhanjelwe abadlali bamaProteas bakudala okubalwa kubona uMakhaya Ntini, Jacques Kallis, Vernon Philender noGraeame Smith owayengukaputeni.
“Akekho kithina owaziyo ukuthi uyophinde alithole nini ithuba lokudlala kowamanqamu walolu hlobo, ngakho-ke ngizozama konke engikwaziyo ukuthi ngibe wukaputeni wokuqala ozowina le nkomishi,” kusho uBavuma.
“Siwulungele umqhudelwano yize sazi ukuthi ne-Australia isho okufanayo. Sinethuba lokuzakhela umlando, ngakho-ke akufanele sivumele leli thuba ukuba liseqe."
UNtini uthe: “Ngiyanethemba maProteas kodwa sekuyisikhathi sokuthi nizakhele owenu umlando kuleli qembu lesizwe. Indlela iqembu elenze ngayo kuze kube yimanje yenza kube phezulu ukuzethemba nakithina singabalandeli. Yize iqembu liyobhekana ne-Australia ehlale izama ukusenzela kubenzima kodwa siyazi ukuthi iyashayeka,” kusho uNtini onomlando wokuthatha amawikhethi angu-10 eLords.
Abadlali abaningi bamaProteas bebesemaqenjini ahlukene e-Indian Premier League (IPL) ngakho-ke kumele basheshe bakhohlwe wukudlala ngebhola elimhlophe.
Zicishe zonakala izinhlelo zamaProteas ngenxa yezinkinga ezithinta izimpi zombusazwe eziqhubeka phakathi kwe-India nePakistan abazosingatha lo mqhudelwano.
Abadlali abangaphezulu kukahhafu okubunjwe ngabo isikwati samaProteas aya kowamanqamu, banezinkontileka namaqembu e-IPL.
Ngenxa yezimpi zase-India nasePakistan umqhudelwano uke waniswa izinsuku ezingu-10 kodwa kwabuye kwaqhutshekwa.
Ngokomthetho, amaProteas awajwayele ukubamba umoya ngabadlali kodwa kuhlukile kulokhu njengoba eya komunye wemidlalo yamanqamu emqoka kunayo yonke emlandweni waleli qembu.
Njengoba i-IPL isongwa ngeSonto okuzobe kukhulula abadlali abaningi bamaProteas, leli qembu lesizwe liqala owezinsuku ezine nomakhelwane iZimbabwe kwelase-England ngenhloso yokuzicijela i-Australia kowamanqamu.
Ngokusho kuka-Enock Nkwe oyi-Director of National Teams kwiCricket South Africa, bayisishiyagalombili abadlali abasesikwatini samaProteas abazoqinisekisa ukuthi bafika ngesikhathi e-Englad ukuzozilungiselela owamanqamu.
Related Topics: