Ezemidlalo Ibhola

Usejoyine iPirates 'onqabe inkontileka' kwiStellies

Zakhele Xaba|Published

Sihle Nduli

Image: FACEBOOK

USESAYINE kwi-Orlando Pirates umdlali wasesiswini, uSihle Nduli, ongayivuselelanga inkontileka kwiStellenbosch FC.

UNduli (29) waKwaMakhutha, eThekwini, oyibamba enkabeni yenkundla, kuvela ukuthi useqede konke nePirates esemkhankasweni wokuqinisa isikwati sayo ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2025/26. Nakuba eZimnyama zingakakuqinisekisi lokhu kodwa umthombo osondelene noNduli udalule ukuthi izinhlangothi zombili sezivumelene. Kuthiwa usayine inkontileka yeminyaka emithathu. Uzovala isikhala sikaMiguel Timm ophelelwa yinkontilela neZimnyama ngenyanga ezayo emuva kwesikhathi elizwa ngendaba ijezi.

"USihle usesayinile kwiPirates, sekuqedwe konke. Usengumdlali wePirates ngokugcwele," kusho umthombo.

Ngaphandle kukaNduli, kusabalele ukuthi iPirates isisayinise nomdlali weMarumo Gallants uMasindi Nemtajela. I-Pirates eyaziwayo ngokungazikhulumeli eziko izindaba zayo, kulindeleke ukuthi yethule laba badlali nabanye ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.

UNduli usayina kwiPirates nje, sekunesikhathi imfuna. Maphakathi nesizini ka-2024/25, iPirates ingqongqozile kwiStellies kodwa leli qembu laseKapa lafuna itshe lemali. Lokhu kuholele ekutheni iPirates iqoke ukulinda iziphelele inkontileka kaNduli okuvela ukuthi wenqabile ukuyivuselela.

Ukuhamba kukaNduli kwiStellenbosch kuqinisekiswe ngumqeqeshi uSteve Barker emuva komdlalo wokusonga isizini abawudlale neCape Town City ngempelasonto. Kulo mdlalo, uNduli ubenikwe ibhande likakaputeni obekuyindlela yokumvalelisa.

"Okwamanje bakhona abadlali abambalwa esingeke sizivuselele izinkontileka zabo. Omunye wabo nguSihle Nduli. Ngifuna ukumbonga ngenxa yomuntu nomdlali anguyena nothando alukhombisile eqenjini futhi siyamjabulela ukuthi useqhubekela phambili," kusho uBarker.

KwiPirates uNduli uzobanga indawo nabadlali abehlukene okubalwa kubona uMakhehleni Makhaula, Thalente Mbatha nabanye. 

Khonamanjalo, iStellies iqinisekise ukuthi isisayinise umgadli weHungry Lions uMuzomuhle Khanyi waKwaHlabisa oqede isizini ehamba phambili ngamagoli kwiMotsepe Foundation Championship emuva kokushaya inethi amahlandla angu-18. Leli qembu lithathe nomdlali wasemuva weCape Town Spurs, uSiviwe Nkwali, osanda kuwina umqhudelwano i-Under 20 Africa Cup of Nations e-Egypt.