UMDLALI wasesiswini weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane
Image: BACKPAGEPIX
NJENGOBA iMamelodi Sundowns ilungiselela ukubhekana nePyramids FC yase-Egypt kowamanqamu weCaf Champions League, kunabadlali ababili abakhethekile, uThenba Zwane noDenis Onyango, abazobe bedlala okwesibili kowamanqamu walo mqhudelwano omkhulukazi wamaqembu e-Afrika.
UZwane no-Onyango babeyingxenye yeqembu elanqoba iZamalek kowamanqamu ngo-2016.
Isipiliyoni sabo nolwazi lokuthi yini edingekayo ukuze unqobe le ndebe kuzoba wukhiye kuleli qembu lasePitoli.
AmaBrazilian abheke ukuba yiqembu lokuqala eNingizimu Afrika ukubeka inkanyezi yesibili ngaphezu kwebheji leqembu ngokunqoba iCaf Champions League okwesibili.
Iqembu elimile endleleni yawo yiPyramids FC yase-Egypt, abazobhekana nayo eLoftus Versfeld namuhla ngo-3 ntambama, baphinde badudulane nayo eCairo ngempelasonto ezayo.
UZwane, ongomunye wabadlali basesiswini abahamba phambili eNingizimu Afrika, wayesaqala ukuzinza eqenjini ngo-2016 kodwa namuhla usengumholi osemnkantshubomvu, ophinde enze izinto zenzeke maphakathi nenkundla.
Ube nesizini enzima njengoba echithe izinyanga eziyisithupha engadlali ngemuva kokulimala edlalela iqembu lesizwe ngo-Okthoba nyakenye. Nokho ubuye ngesikhathi esihle njengoba engeke agcine ngokucebisa ozakwabo kuphela, kodwa ezophinde fake isandla enkundleni kule midlalo emibili emqoka.
"Umlenze wokuqala ubaluleke kakhulu kithina njengomndeni waMasandawana nakuba sazi kahle ukuthi umdlalo wamanqamu awulula. Sizilungiselele kahle. Sike sadlala nePyramids phambilini kodwa umdlalo ngamunye uhlukile. Sibahlaziyile futhi sikubheke ngabomvu ukudlala kulo mdlalo wamanqamu," kusho uZwane esithangamini nabezindaba izolo.
UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango.
Image: BACKPAGEPIX
U-Onyango (40) wadlala indima enkulu ngesikhathi aMasandawana enqoba isicoco ngo-2016, waze waqokwa njengonozinti ovelele ozinze e-Afrika kuma-Caf Awards. Yize manje esengemuva kukakaputeni uRonwen Williams, kodwa usazimisele ukuzinikela ngakho konke uma kwenzeka iqembu limdinga.
“Ngisalelwe ngamaphesenti amabili ngaphambi kokuthi ngiwagaxe emgibeni, sengiwusebenzisile u-98%. Kodwa-ke ngiseyingxenye yeMamelodi Sundowns futhi uma nje ngisekhona ngizoqhubeka nokwenza konke okudingeka ngikwenze, futhi ngezinga eliphezulu, ukuze ngisize iqembu, ngiphinde ngibe yisibonelo esihle kubadlali abasencane,” kusho u-Onyango.
Nakuba uZwane no-Onyango bezonika iqembu ulwazi lokudlala kowamanqamu weChampions League, umqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso ukholwa wukuthi iqembu lonke liyabazi ubumqoka bale midlalo emibili abazoyidlala nePyramids, ikakhulukazi owanamuhla ekhaya.
"Siyakuqonda ukubaluleka kokudlala kowamanqamu emqhudelwaneni ofana nalo, nokuthi kubaluleke kangakanani kuwo wonke umuntu oyingxenye yeqembu. Siyazi ukuthi sinomthwalo wokunikeza bonke laba bantu abasesekayo lokhu abakufunayo," kusho uCardoso.
“Umsebenzi wami njengomqeqeshi wukunikeza abadlali amaqhinga amaningi azokwenza badlale kahle emdlalweni wokuqala ngoba okuzokwenzeka kuwona kuzocacisa ukuthi siwuhlelela kanjani owesibili,” uphethe kanje lo mqeqeshi.
Related Topics: