Ezemidlalo Ibhola

UDavids nethemba lokuphendula amatafula koweCaf

Xolile Mpisane|Published

UMQEQESHI weSimba SC, uFadlu Davids

Image: BACKPAGEPIX

UMQEQESHI weSimba SC, uFadlu Davids, unethemba lokuthi iqembu lakhe lisengabuya emlenzeni wesibili womdlalo wamanqamu weCaf Confederation Cup neRS Berkane nakuba lihlulwe ngo 2-0 kowokuqala. 

La maqembu azobhekana e-Amaan Stadium, eZanzibar, ngeSonto, ngo-5 ntambama.

IBerkane yaseMorocco izongena enkundleni ishayela phezulu ngenxa yokuthi inqobe ngo 2-0 emlenzeni wokuqala ekhaya ngoMgqibelo odlule, ngamagoli ashaywe nguMamadou Camara no-Oussama Lamlaousi esiwombeni sokuqala. 

ISimba isibhekene nomqansa wokushaya okungenani amagoli amabili, ingavumeli iBerkane ukuthi ishaye igoli, ukuze ibuyise amathemba okunqoba le ndebe okokuqala.

 

Kuma-quarterfinal iguqiswe yi-Al Masry yase-Egypt ngo 2-0 emlenzeni wokuqala ekuhambeni kodwa yakwazi ukunqoba ekhaya ngo 2-0, yadlula sekukhahlelwa amaphenathi.

"Abadlali bethu abasebancane baqale bathuswa ubukhulu bomdlalo nengcindezi. Ngokuhamba kwesikhathi singenile emdlalweni, ikakhulukazi esiwombeni sesibili. Sesiwabonile amaphutha ethu manje futhi silindele umdlalo ohlukile emlenzeni wesibili," kusho uDavids.

ISimba ibinethemba lokudlala umlenze wesibili enkundleni yayo, iBenjamin Mkapa Stadium eseDar es Salaam, nokho ayikwazanga ukuqeda ukuyilungisa kusenesikhathi. Lokhu kuholele ekutheni iqhubeke nokusebenzisa i-Amaan Stadium, emumatha abalandeli abancane.

"Mkhulu umehluko phakathi kokudlala phambi kwabalandeli abangu-60 000 eBenjamin Mkapa noma abangu-12 000 eZanzibar kodwa kufanele sikulungele ukudlala kunoma iyiphi inkundla. ISimba iyiqembu elikhulu ngakho-ke kufanele simelane nanoma yiziphi izimo,” uqhube kanje uDavids, owake waqeqesha i-Orlando Pirates neMaritzburg United kuleli.

“IBerkane izozisola ngokungalishayi igoli lesithathu ngoba amabili awanele. Umlenze wesibili uzoba wumdlalo ohlukile, ibhola lizobe lidla utshani. Abadlali bethu kumele basondelane ukuze iBerkane ingazitholi izikhala zokuhlasela. Akukapheli ngathi ngoba sisanomdlalo ophelele.”

Ompetha beConfederation Cup banonyaka bazoqukula indebe entsha ezokwethulwa ngasekupheleni kwaleli sonto.