ISITOBHA seMamelodi Sundowns, uMosa Lebusa.
Image: BACKPAGEPIX
UMDLALI wasemuva weMamelodi Sundowns, uMosa Lebusa, udalule ukuthi banalo icebo elicacile lokuvimba umgadli, uFiston Mayele, nozakwabo bePyramids FC uma la maqembu esetholana phezulu emlenzeni wokuqala womdlalo wamanqamu weCaf Champions League eLoftus Versfeld, kusasa ngo-3 ntambama.
UMayele usefomini enhle kule sizini, ikakhulukazi kwiChampions League, lapho esehlohle khona amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni engu-11. Ushaye amagoli amabili ngesikhathi behlula i-Orlando Pirates ngo 3-2 kowandulela owamanqamu.
ULebusa uthe yize bazi ukuthi lo mgadli waseDemocratic Republic of Congo uyingozi kangakanani kodwa kumele bavimbe bonke abadlali bePyramids.
Phakathi kwabadlali okubhekwe ukuthi babe wuhlupho kwiSundowns kusasa, kubalwa u-Ibrahim Adel, Marwan Hamdy nabanye.
"UMayele ungumdlali osezingeni eliphezulu kodwa asigxili kumdlali oyedwa, sigxile eqenjini lonke. Njengabadlali basemuva sizozama ukwenza isiqiniseko sokuthi sibagcina kude nebhokisi lethu, sinciphise amathuba abo okushaya amagoli. UMayele uyingozi kakhulu ebhokisini ngakho-ke kufanele singamvumeli acanase futhi siyethemba ukuthi sizophumelela," kusho uLebusa.
"Asifuni ukungenelwa amagoli ekhaya ngoba siyazi ukuthi sihlala sinethuba lokushaya igoli ekuhambeni. Sihlose ukuvala ngci emuva, uma sithola amagoli kuzoba yibhonasi kithina. Ngicabanga ukuthi sizowina uma sesiya enkundleni yabo."
UMGADLI wePyramids FC owuhlupho, uFiston Mayele.
Image: BACKPAGEPIX
ISundowns izobe ibuyela kowamanqamu okokuqala selokhu yanqoba le ndebe ngo-2016, kanti iPyramids izobe idlala okokuqala kowamanqamu. Yize kunjalo, uLebusa uthe ngeke balibukele phansi leli qembu elasungulwa ngo-2008, lashintsha igama ngo-2018.
"Kuzoba wumdlalo onzima kakhulu. Sisebenze kanzima isizini yonke ukuze sifike lapha futhi siwulungele umlenze wokuqala wamanqamu. Njalo besibona sinalo ithuba lokuwina le ndebe kodwa sihluleke kowandulela owamanqamu,” uqhube kanje uLebusa.
“Siyazi ukuthi sizobe sidlala neqembu eliqinile, abafikanga ngenhlanhla kowamanqamu. Kufanele sisebenze kanzima ukuze sibeke iqembu endaweni enhle ngaphambi komlenze wesibili. Asifuni ukuzifakela ingcindezi engenasidingo kodwa siyazi ukuthi siseduze kangakanani ekutheni silethe le ndebe ekhaya.”
Khonamanjalo: Inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iCaf, yethule indebe entsha yeCaf Champions League emcimbini obuseGoli, izolo, ezoqukulwa yiqembu elizonqoba phakathi kweSundowns nePyramids.
Related Topics: