UBONGE ozakwabo ngokumeseka ngezikhathi ezinzima umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uKabelo Nkgwesa, oqokwe njengovelele kuleli qembu emcimbini wokuklomelisa abayibamba kwiDStv Diski Challenge (DDC) ngoLwesihlanu ebusuku.
IChiefs iwine isicoco seDiski okokuqala selokhu selokhu le ligi yasungulwa ngo-2014. Ngalokhu, izomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni waminyaka yonke, iPremier League Next Gen e-India emasontweni azayo. Nyakenye, iNext Gen idliwe yiStellenbosch.
NgoLwesihlanu ebusuku eFNB Stadium, bekuwusuku lobukhazikhazi ngesikhathi kuklonyeliswa abadlali baMakhosi abashaye into ecokeme kwiDiski ngesizini ka-2024/2025. UNkgwesa oyibamba emuva kwesokunxele, ugoduke nomklomelo weMost Improved Player of The Season nowePlayer of The Season. Lo mdlali waseSoweto, uqede isizini esevele egixabezwe ngenkontileka yokudlala kwiBetway Premiership.
"Ngifike lapha ngesizini edlule kwaba nzima ngoba bengisazama ukujwayela. Kodwa kulena kubengcono kakhulu.Ngibonga abaqeqeshi ngokungigqugquzela ngaso sonke isikhathi nozakwethu ngokungisiza ngisho kwesinye isikhathi ngingenayo imali yokugibela. Ngibonga nabaphathi beqembu ngokunginika ithuba,"kusho uNkgwesa okulindeleke ukuthi anyuselwe esikimini esikhulu saMakhosi.
Umcimbi wokuklomelisa abadlali beDiski ubuhanjelwe nayizinkakha ezaziyibamba ngesikhathi iChiefs igcina ukuwina iligi yePremiership ngesizini ka-2014/2015 okubalwa kuzona uSiphiwe Tshabalala, Reneilwe "Yeye" Letsholonyane, Mandla Masango noWillard Katsande. Obekugqamile ezinkulumweni zazo wukuthi abadlali kufanele baqhubeke nokusebenza kanzima futhi bayiqonde ingqayizivele yethuba abalitholile lokudlalela iChiefs elifiswa ngabaningi.
Isiyonke imidlalo ihambe kanje:Top Goal Scorer: Naledi Hlongwane (14 goals)Most Improved Player: Kabelo NkgwesaGoalkeeper of The Season: Takalani MazhambaPlayers' Player of The Season: Pheko Phago Player of The Season: Kabelo Nkgwesa
Related Topics: