Ezemidlalo Ibhola

AmaZulu nenselelo yokuzibekisela indawo kwiTop 8 ngePirates

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wasesiswini waMaZulu FC u-Ethan Brooks

Image: BACKPAGEPIX

AMAZULU FC azongena enkundleni enengcindezi ethe xaxa uma esebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni wawo wokusonga isizini yeBetway Premiership.

La maqembu azotholana phezulu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, namuhla ngo-3 ntambama,

Lo mdlalo umqoka kakhulu eqenjini lika-Arthur Zwane elisendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-34 kulandela isizini ebingugingqigongqo.

Usuthu lungayivala ngegiya eliphezulu phambi kwabalandeli balo futhi liwadinga kakhulu amaphuzu kwazise limiswe kabi ngamanye amaqembu agaqele ukuqeda kwiTop 8, okuyiPolokwane City enamaphuzu angu-33 kanye neChippa United, Kaizer Chiefs neMarumo Gallants, abanamaphuzu angu-31 iqembu ngalinye.

Ezimnyama zisendaweni yesibili ngamaphuzu angu-59 futhi ngeke zisasuka kule ndawo noma kungenzekani emidlalweni esele.

Noma kunjalo, leli qembu eseliholwa nguMandla Ncikazi selokhu kuhambe obeliqeqesha, uJose Riveiro, ngesonto eledlule, lisethubeni lokuhlanganisa amaphuzu angu-60 okokuqla selokhu lagcina ngesikhathi lidla isicoco seligi ngesizini ka-2010/11.

Likhombisile emdlalweni odlule ngolwesibili ukuthi alidlaleli ukugcina icala ngesikhathi linqoba iSuperSport United ngo 1-0 ePolokwane.

Usuthu lwagcina ukungena enkundleni ngoMeyi 2, libambana ngo 1-1 nePolokwane City eKing Zwelithini Stadium.

INJINI ye-Orlando Pirates, uMakhehleni Makhaula, eyake yagijima kuMaZulu FC

Image: BACKPAGEPIX

Umdlali walo wasesiswini, u-Ethan Brooks, uthe into abagxile kuyona kakhulu yilokhu abafuna ukukufeza ngalo mdlalo futhi abakubekile emiqondweni ukuthi iPirates izowuthatha kanjani.

"Wonke umuntu uwubheke ngabomvu umdlalo, besizilolonga ngokuzikhandla emasontweni edlule njengoba besingadlali. Angazi  ukuthi bona bazowuthatha kanjani umdlalo kodwa ubalulekile kithina uma sibheka ukuthi sifuna ukuyiqeda kanjani isizini. Yilokho kuphela esizogxila kukho," kusho uBrooks.

“Lona yiwona mdlalo esingakhombisa ngawo ukuthi sifuna ukuqeda kwi-Top 8. Iqembu elizobe liwufuna kakhulu kuzomele likukhombise lokho enkundleni.”

Ngesikhathi begcina ukuhlangana koweligi e-Orlando Stadium ngo-Okthoba, nyakenye, kwanqoba iPirates ngo 2-1.

IPirates izosonga isizini yayo ngokubhekana neMagesi FC e-Orlando Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 pm.

 

Imidlalo yeBetway Premiership yanamuhla ezoqala ngo 3pm:

AmaZulu v Orlando Pirates (Moses Mabhida Stadium), Kaizer Chiefs v Polokwane City (FNB Stadium), Cape Town City v Stellenbosch FC (DHL Cape Town Stadium), Lamontville Golden Arrows (Princess Magogo Stadium), Magesi FC v Marumo Gallants (Seshego Stadium), SuperSport United v Richards Bay (Peter Mokaba Stadium).