UMDLALI wasemuva weMamelodi Sundowns, u-Aubrey Modiba, ukholwa wukuthi banethuba lokuwina indebe yeCaf Champions League njengoba bezobhekana nePyramids yase-Egypt emdlalweni wamanqamu oyimilenze emibili
Image: BACKPAGEPIX
UBONA benaso sonke isipiliyoni esidingekayo ukuze baphinde banqobe iCAF Champions League njengoba belungiselela ukubhekana nePyramids FC kowamanqamu umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, u-Aubrey Modiba.
Lo mdlalo wamanqamu uzodlalwa imilenze emibili. Owokuqala ozoba seLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, ngaphambi kowesibili ozodlalelwa eCairo ngoJuni 1.
UModiba ngomunye wabadlali asebezame iminyaka ukunqoba lo mqhudelwano namaBrazilians, kodwa bagcina bephelela kowandulela owamanqamu.
AmaSandawana agcina ukuphakamisa indebe yeChampions League ngo-2016. Emuva kwalokho azame nabaqeqeshi abehlukene ukubuyela kowamanqamu njengoba esefakwe ngowasePortugal, uMiguel Cardoso, ofike ngoDisemba.
Leli qembu lasePitoli seliqedile ngemidlalo yasekhaya, lapho libe ngompetha beligi yeBetway Premiership okwesishiyagalombili kulandelana. Amehlo asebheke ekubambeni ufishi omkhulu osekuneminyaka liwudedela.
"Kungaba kuhle ukuthi sinqobe ngoba sifuna ukuqopha umlando kuleli qembu. Thina badlali sihlala sifuna ukunqoba izindebe ezinkulu. Njengoba sesidlale imidlalo eminingi yeChampions League kwiSundowns, siyaqonda ukuthi yini edingekayo ukuze sinqobe umdlalo wamanqamu. Sesihluleke iminyaka eminingi ukuthola le ndebe kodwa ngicabanga ukuthi njengamanje sisendleleni efanele," kusho uModiba.
"Sifuna ukubuyisa injabulo esayibona ngo-2016. Sabona ukuthi abantu bajabula kangakanani ngesikhathi iqembu langaleso sikhathi libuya nendebe."
Izimbangi zeDowns, iPyramids FC, zizobe zidlala kowamanqamu weChampions League okokuqala. UModiba uthe nakuba babhekana naleli qembu ngo-2023, babambana ngo 0-0 ePitoli base benqoba ngo 1-0 eCairo, izinto sezishintshile manje.
“Silindele umdlalo onzima nePyramids. Sikubonile abakwenzile kulo mqhudelwano endleleni ebheke kowamanqamu. Bayiqembu elihle, elenza kahle ekhaya nasekuhambeni. Ngakho-ke kufanele sizikhandle nje sizame ukunqoba, ikakhulukazi ekhaya,” kusho uModiba.
"Bengeze abadlali abasezingeni eliphezulu eqenjini esagcina sidlale nalo futhi sebethole isipiliyoni esiningi kwiChampions League, yingakho bengene kowamanqamu. Benza kahle nakwiligi yase-Egypt, okukhombisa ukuthi yiqembu eselithuthuke kakhulu."
Ngesikhathi iSundowns inqoba isicoco seChampions League ngo-2016, yashaya iZamalek ngo 3-0 eLucas Moripe Stadium emlenzeni wokuqala, kwathi noma isiguqa ngo 1-0 kowesibili ekuhambeni kwacaca ukuthi umsebenzi omningi yayisiwenzile ekhaya.
UModiba ukholelwa ekutheni kumele benze okufanayo nakulokhu, yize yomibili imilenze izoza nengcindezi ehlukile.
Related Topics: