UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ufuna bayikhiphe emiqondweni eyokunqoba isicoco seNedbank Cup njengoba bebheke emidlalweni emqoka yeligi.
Image: BACKPAGEPIX
IMIDLALO yale mpelasonto izoba nomthelela omkhulu kwiKaizer Chiefs namanye amaqembu asembangweni wokuqeda kwi-Top 8 kwiBetway Premiership njengoba isizini ka-2024/25 isingasemaphethelweni.
Nakuba ompetha, iMamelodi Sundowns, kanye namaqembu abalandelayo, i-Orlando Pirates, Sekhukhune United, neStellenbosch FC, sebeziqinisekisile izindawo zabo emqhudelwaneni we-MTN 8 wangesizini ezayo, amanye amaqembu amane asaqhoqhobele kwezinye izindawo abhekene nengcindezi enkulu.
ITS Galaxy naMaZulu FC banamaphuzu angu-34 ngamunye, futhi bobabili basalelwe umdlalo owodwa wokwandisa isibalo samaphuzu abazoqeda nawo kule sizini.
IPolokwane City isanemidlalo emibili engakhuphula ngayo amaphuzu angu-33 esiwaqoqile, kanti iChippa United isizodlala umdlalo wokugcina ozocacisa ukuthi kukhona yini okungcono ezokwenza ngaphezu kwamaphuzu angu-30 enawo.
La maqembu akanalo nethuba lokuphefumula kwazise ahujwa yiKaizer Chiefs neMarumo Gallants, bobabili abanamaphuzu angu-30 emidlalweni engu-26.
Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, uthe kusemqoka ukuthi basheshe bayidlulise injabulo yokuqeda isomiso sezinkomishi ngokunqoba iNedbank Cup, balwele amaphuzu emidlalweni emibili esele.
Amakhosi azotholana phezulu neSekhukhune United ePeter Mokaba Stadium kusasa ngo-3 ntambama.
“Kumele sizithobe. Kulungile ukujabula kodwa siyafika isikhathi sokuthi imibhiyozo iphele ukuze sikwazi ukugxila ezintweni ezizayo. Umdlalo wethu olandelayo uzoba nzima,” kusho uNabi.
“Ngesikhathi sinqobe iSundowns kowandulela owamanqamu eNedbank Cup sahlulwa emdlalweni olandelayo weligi. Kungenzeka ukuthi sasisajabule kakhulu.
"Kumele sikuqonde ukuthi iKaizer Chiefs iyiqembu elikhulu. Akuyona into emangalisayo ukunqoba isicoco, yinto okufanele ibe yinhlalayenza. Uma uwina indebe naleli qembu kufanele ujabule bese ubheka inselelelo elandelayo ephambi kwakho."
IRichards Bay neMagesi FC nabo bawalandela eduze amaqembu angaphandle kancane kweTop 8 ngamaphuzu angu-29, kanti iSuperSport United neLamontville Arrows nabo baseyingozi njengoba benamaphuzu angu-26 nemidlalo ethe xaxa abasazoyidlala.
Ngaphandle kokuhalela ukudlala kwi-MTN 8 ngesizini ezayo, la maqembu amane asalwela ukuthi angazitholi esesengcupheni yokuphuma esigabeni esiphezulu.
ICape Town City, esendaweni ka-15 ngamaphuzu angu-23, isengakwazi ukuwafica, kugcine kungelinye lawo elidlala imidlalo yokuhlunga namabili azoqhamuka kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini.
Imidlalo yeBetway Premiership kule mpelasonto
Kusasa: 3pm - Sekhukhune United v Kaizer Chiefs (Peter Mokaba Stadium), Orlando Pirates v TS Galaxy (Orlando Stadium), Richards Bay FC v lamontville Golden Arrows (King Zwelithini Stadium), Marumo Gallants v Chippa United (Dr Molemela Stadium), Polokwane City v Cape Town City (Old Peter Mokaba Stadium), Stellenbosch FC v SuperSport United (Danie Craven Stadium).
NgeSonto: 3pm - Mamelodi Sundowns v Magesi FC (Loftus Versfeld)
Related Topics: