IBAMBA lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi, nomhlaziyi, uRayaan Jacobs.
Image: BACKPAGEPIX
I-Orlando Pirates izoqala uhambo olusha ngaphandle kobeyiqeqesha, uJose Riveiro, uma isibhekene neTS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium namuhla ngo-3 ntambama.
Lo mqeqeshi ucele ukusheshe akhululwe enkontilekeni yakhe obekumele iphele ngoJuni ukuze adlulele eqenjini lakhe elisha.
Ubehlezi ebhentshini okokugcina ngesikhathi beguqisa iLamontville Golden Arrows ngo 3-0 e-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Ushiye engomunye wabaqeqeshi abahamba phambili kuleli qembu lase-Orlando njengoba enqobe izindebe ezintathu zeMTN 8 nezimbili zeNedbank Cup.
Izintambo sezinikwe obeyiphini lakhe, uMandla Ncikazi, ozolekelelwa ngumhlaziyi uRayaan Jacobs nethimba lonke labaqeqeshi.
Yize ukunqoba kweMamelodi Sundowns iChippa United ngo 3-0 ngoLwesithathu ebusuku kuqinisekisile ukuthi leli qembu lasePitoli selingompetha beligi okwesishiyagalombili amasizini elandelana, kusekuningi okufanele iPirates ikudlalele kule midlalo emine yeligi esele.
EzikaMagebhula zisendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-55 emidlalweni engu-24. Ngemuva kokudlala neGalaxy zisazogadulisana neSuperSport United, AmaZulu FC neMagesi.
Zinesiqiniseko sokuthi zizodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo, kwazise alikho iqembu elingaphansi kwazo ezisengalibamba, kodwa ukuthola imiphumela emihle emidlalweni ezayo kusengayibeka kwelinye izinga isizini yazo.
Uma kungenzeka iPirates ithole amaphuzu amahlanu noma ngaphezulu kule midlalo kuzobe kungokokuqala ukuthi ihlanganise amaphuzu angu-60 selokhu yanqoba iligi ngesizini ka-2010/11.
Seyinqobe imidlalo engu-18 kule sizini, okuyinto eyagcina ukuyenza ngesikhathi iba ngompetha ngesizini ka-2002/03. Lokhu kuchaza ukuthi isethubeni sokulidlula leli rekhodi noma igcine iqede isizini isiwine imidlalo engu-20 noma ngaphezulu.
Lezi zibalo zikhombisa ngokusobala ukuthi leli qembu lithuthukile kula masizini amathathu edlule selokhu kwafika uRiveiro. Yizona futhi ezingaphinde zimqinise idolo umqeqeshi ozongena esikhundleni sakhe ozobe esabhekene nenselelo yokugudluza iSundowns esicongweni.
Related Topics: