Ezemidlalo Ibhola

IDowns izoyiqukulela phambi kweMagesi indebe yeBetway

Xolile Mpisane|Published

IMAMELODI Sundowns izoba yiqembu lokuqala ukuqukula indebe entsha yeBetway Premiership.

Image: BACKPAGEPIX

IMamelodi Sundowns izothola ithuba lokwesula izinkumbulo ezimbi uma isibhekene neMagesi FC emdlalweni wayo wokugcina weBetway Premiership kule sizini.

La maqembu azodudulana eLoftus Versfeld, ePitoli, kusasa ngo-5.30 ntambama.

AmaBrazilian abe ngompetha beligi yakuleli okwesishiyagalombili kulandelana ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi ethela othulini iChippa United ngo 3-0 eBuffalo City Municipality Stadium, e-East London.

Iqembu likaMiguel Cardoso seliqoqe amaphuzu angu-70 emidlalweni engu-27. Nakuba lo mqeqeshi wayengakafiki ngesikhathi beshaywa yiMagesi FC kowamanqamu weCarling Knockout ngoNovemba nyakenye, ukuvala isizini ngokushaya leli qembu bese bephakamisa indebe yeBetway Premiership kungawapholisa amanxeba kubadlali nabalandeli.

Lo mdlalo ubalulekile nakwiDikwena tsa Meetse njengoba isendaweni ka-12 kwi-log ngamaphuzu angu-29 emidlalweni engu-25. 

Uma ingathola okuthile kulo mdlalo ingawanyusa amathuba ayo okuqeda kwi-Top 8, kodwa uma ihlulwa ingazithola isidonseleka endaweni eyingozi.

Umdlalo odlule weligi phakathi kwala maqembu womabili ubungoJanuwari nonyaka lapho iMamelodi Sundowns yabuya khona isilandela ngemuva, yanqoba ngo 2-1.

Ngaphandle kokubhiyozela ukuba yiqembu lokuqala ngqa elizophakamisa indebe entsha yeBetway Premiership, ezovezwa okokuqala ngeSonto, iSundowns izophinde ijabulise umlandeli oyedwa ozoklonyeliswa ngemoto ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo.

Le moto yohlobo lweChery Tiggo 4 Pro izoqhamuka kubaxhasi abasha bamaSandawana, iChery South Africa.

Lo mqhudelwano uvulelekile kubalandeli beSundowns abazohambela lo mdlalo.

Yize iningi lamaqembu selibheke ukusonga isizini kodwa kusekude ukuthi baphumule abadlali beSundowns kwazise leli qembu lisazodlala owamanqamu weCaf Champions League nePyramids ngaphambi kokuthi liyomela izwekazi i-Afrika kwiFifa Club World Cup e-United States ngenyanga ezayo.