UMQEQESHI we-Inter Milan, uSimone Inzaghi, nomgadli wakhe uLautaro Martinez.
Image: EPA
USETHUBENI lokuba ngomunye wabaqeqeshi abahamba phambili be-Inter Milan umqeqeshi waleli qembu, uSimone Inzaghi, njengoba ebheke ukuqeda isizini ngokunqoba izindebe ezimbili ezinkulu.
Leli qembu laseMilan lisele ngephuzu kwiNapoli eqhwakele embangweni wesicoco seSerie A njengoba sekusele imidlalo emibili yeligi futhi lisanda kuzibekisela indawo kowamanqamu we-UEFA Champions League ngokukhipha iBarcelona kowandulela owamanqamu.
USimone wayengumgadli ohloniphekile ngesikhathi esadlala kodwa wangafinyelela ezingeni likamfowabo, uFilippo Inzaghi, owaduma umhlaba wonke edlalela iJuventus, AC Milan neqembu lesizwe lase-Italy.
UFilippo wanqoba izicoco ezintathu zeligi, ezimbili zeChampions League nezinye zomkhumulajezi, futhi wayeyingxenye yeqembu lesizwe lase-Italy elanqoba iNdebe yoMhlaba ka-2006.
Ngakolunye uhlangothi, uSimone wadlalela iqembu lesizwe kathathu kuphela kodwa wasinqoba kanye isicoco seligi yase-Italy neLazio, wathola nezinye zomkhumulajezi naleli qembu.
Izinto zishintshe ngesikhathi sebewagaxa emgibeni amakhokho, bengena endimeni yokuqeqesha. UFilippo uqeqeshe kafushane esigabeni esiphezulu kwi-AC Milan nakwiBenevento, wabe esepheka amaqembu adlala esigabeni sesibili. Ngesizini ka-2024/25, ukhuphule iPisa, esizodlala esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo.
USimone wenza kahle kakhulu ekuqeqesheni kwazise usenqobe iCoppa Italia nezicoco ezimbili zeSupercoppa Italiana neLazio, waphinde wadlala eseSerie A sika-2023/24 ne-Inter.
Wafinyelela kowamanqamu weChampions League ne-Inter ngo-2023, banqotshwa yiManchester City ngo 1-0, njengoba esephinde owesibili kule sizini.
UHelenio Herrera noRoberto Mancini yibona abaqeqeshi abahamba phambili emlandweni we-Inter ngezicoco eziyisikhombisa ngamunye.
UHerrera wathatha ezintathu zeSerie A, ezimbili zeChampions League, nezimbili ze-Intercontinental Cup, uMancini wanqoba ezintathu zeSerie A, ezimbili zeCoppa Italia nezimbili zeSupercoppa Italiana.
Ngesizini ka-2009/10, uJosé Mourinho waqopha umlando ngokudla izicoco ezintathu ezinkulu ne-Inter, okwaziwa ngenge-treble, ewina iSerie A, iCoppa Italia kanye neChampions League. I-Inter kuseyiyona kuphela iqembu lase-Italy elakwazi ukunqoba lezi zindebe ezintathu ngesizini eyodwa.
Nakuba u-Inzaghi engeke esakwazi ukuphinda okwenziwa nguMurinho ngenxa yokuthi usehlulekile ukuthatha iCoppa Italia kule sizini, usewine izindebe eziyisithupha kuleli qembu, okusho ukuthi angabafica noma abadlule oHerrera benoMancini uma izinto zingamhambela kahle emidlalweni esele kule sizini.
I-Inter kufanele inqobe imidlalo yayo emibili yeligi esele, ezowudlalela ekhaya neLazio kusasa ngo-8.45 ebusuku, nowasekuhambeni neComo ngeSonto elizayo.
Phezu kwalokho, kufanele ithandazele ukuthi iNapoli ilahle amaphuzu kowakusasa ebusuku ekuhambeni neParma, noma kowasekhaya neCagliari ngempelasonto ezayo.
Konke kusezandleni ze-Inter kwiChampions League njengoba izotholana phezulu neParis Saint-Germain kowamanqamu ozodlalelwa eMunich, ngoMeyi 31.
Related Topics: