UMDLALI weKaizer Chiefs, uGlody Lilepo, oklonyeliswe ngegoli alishaya bebhekene neMarumo Gallants.
Image: BACKPAGEPIX
UKeletso Makgalwa, Eric Tinkler, noGlody Lilepo badle umhlanganiso eminxeni ehlukene kumaBetway Premiership Monthly Awards ka-Ephreli nonyaka.
Lo mqeqeshi nabadlali baklonyeliswe ngemva kokuthi ithimba lezintatheli zebhola nabasakazi eliqokwe yi-PSL lihlanganise amakhanda.
Umdlali wasesiswini weSekhukhune United, uKeletso Makgalwa, uwine umklomelo womdlali ovelele kwiligi ngo-Ephreli, iBetway Premiership Player of the Month.
Udlale imidlalo emithathu, washaya igoli waphinde waba nesandla kwelinye, wasiza iBabina noko ukuthi ingahlulwa inyanga yonke.
Ushaye emakhanda uzakwabo, unozinti uRenaldo Leaner, ongenelwe amagoli amabili emidlalweni emine, nomdlali wasesiswini weStellenbosch FC, uSanele Barns, naye ogqamile ngenyanga edlule.
Umqeqeshi weSekhukhune, u-Eric Tinkler, uthole indondo yeBetway Premiership Coach of the Month. Ngaphansi kobuholi bakhe, iSekhukhune United ayizange ihlulwe ngo-Ephreli lapho inqobe khona imidlalo emithathu yeligi, yadlala ngokulingana kanye.
Iqumbe phansi iCape Town City ngo 2-1, iPolokwane City ngo 2-0 ne-Orlando Pirates ngo 1-0, yabambana neTS Galaxy ngo 1-1.
Umgadli weKaizer Chiefs, uGlody Lilepo, uwine umklomelo we-Betway Premiership Goal of the Month ngegoli alishaya ngesikhathi benqotshwa yiMarumo Gallants ngo 2-1 ngo-Ephreli 26.
Uhlule igoli likaKamogelo Sebelebele weTS Galaxy alishaya bedlala neMagesi FC nelikaThulani Gumede weRichards Bay alinamathisela enethini bebhekene neCape Town City.
Related Topics: