Ezemidlalo Ibhola

Injabulo elikaFoster likhuphukela kwiPremier League

Xolile Mpisane|Published

UMDLALI wakuleli, uLyle Foster, usethubeni lokuphinde agijime kwiPremier League ngesizini ezayo

Image: FACEBOOK

INJABULO yokunyukela kweqembu lase-England, iBurnley FC, esigabeni esiphezulu, iPremier League, ihambe yaze yafinyelela eNingizimu Afrika, ngenxa yokuthi leli qembu lidlalelwa ngumdlali weBafana Bafana, uLyle Foster.

IBurnley iqinisekise ukuthi izobe igijima kwiPremier League ngesizini ezayo ngesikhathi iqembu lithela phansi iSheffield United ngo 2-1 emdlalweni weSky BET Championship obuseTurf Moor Park ngoMsombuluko.

Lo mphumela uqinisekise ukuthi iBurnley neLeeds United, abasabambene esicongweni ngamaphuzu angu-94, bazonyukela esigabeni esiphezulu.

Lokhu kukhuphule amathuba okuthi iNingizimu Afrika izobe imelwe ngumdlali kule ligi ethathwa njengenye yahamba phambili emhlabeni ngesizini ezayo, kwazise ubengekho noyedwa kwisizini ka-2024/25.

UFoster nguyena umdlali wakuleli owagcina ukudlala kwiPremier League ngesizini ka-2023/24, kodwa iBurnley yabe isigawulwa yizembe ekupheleni kwayo. Umqeqeshi, uScott Parker, uncome abadlali ngokusheshe babuyele ezweni loju. 

“Besizazi izinselelo esizobhekana nazo zokuthi le ligi inzima kangakanani. Bekunzima kakhulu, yingakho ngibongela wonke umuntu oyingxenye yeqembu ngalokhu esikuzuzile,” kusho uParker kwi-website yeBurnley.

“Sike sabhekana nobunzima kodwa yilapho abadlali abaziveze khona kakhulu, kwacaca ukuthi iqembu liqine kangakanani. Yilezo zimo ezinzima ezenze sasondelana kakhulu. Ngiyaziqhenya kakhulu ngeqembu.”

UFoster waba ngumdlali obiza kunabo bonke ngesikhathi ethengwa yiClarets eqenjini laseBelgium, iWesterlo, ngemali elinganiselwa ku-R131 million ngo-2023.

Uke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokhwantalala nokulimala, kodwa umqeqeshi umthatha njengomdlali omqoka kuleli qembu.

Kule sizini ushayele iBurnley amagoli amabili, waba nesandla kwamanye amahlanu, emidlalweni engu-27 yeligi.

Kubadlali bakuleli abagqama kwiPremier League, kubalwa uLucas Radebe, Steven Pienaar, Kagiso Dikgacoi, Benni McCarthy, Shaun Bartlett nabanye.