UNOZINTI weStellenbosch FC, u-Oscarine Masuluke.
Image: BACKPAGEPIX
UBONA besanethuba lokuguqula izinto uma sebebhekene neSimba SC yaseTanzania, emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup eMoses Mabhida Stadium kusasa ngo-3 ntambama, unozinti weStellenbosch FC, u-Oscarine Masuluke.
UMasuluke uyena obesemapalini ngesikhathi beshaywa yiSimba ngo 1-0 emlenzeni wokuqala e-Amaan Stadium, eZanzibar, ngempelasonto edlule, ngegoli elibekwe enethini nguJean Ahoua ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.
Nakuba iMoses Mabhida kungeyona inkundla yeStellies yasekhaya ejwayelekile kodwa ikhona imidlalo yeCaf esiyidlalele kuyona izinto zayihambela kahle, nokwenza uMasuluke abe nethemba lokuthi bazowuthola umphumela ozobafaka kowamanqamu.
“Umdlalo wokuqala ubumuhle, ngeshwa sihluliwe kodwa sisenalo ithuba ngoba basazoza enkundleni yethu,” kusho uMasuluke ekhuluma ne-Azam TV kwiYouTube.
“Umlenze wokuqala ubusezingeni eliphezulu ngoba womabili amaqembu abehlaselana. Ngeke ngisho ukuthi elinye belingcono kakhulu kunelinye ngoba bekubhekene amabhubesi. Sebezoza enkundleni yethu futhi bazofica elinye ibhubesi libalindile.”
ISimba SC izongena emlenzeni wesibili isesimweni esingcono kwazise izokwazi ukudlulela kowamanqamu uma lo mlenze wesibili uphela ngokulingana.
Nokho, umqeqeshi waleli qembu odabuka eNingizimu Afrika, uFadlu Davids, ukholwa wukuthi bangenza kangcono kakhulu kunalokhu abakwenze emlenzeni wokuqala.
“ISimba yiqembu elikhulu futhi ngeke sijabule ngokushaya igoli elilodwa kuphela emlenzeni wokuqala ekubeni sibe namathuba okushaya amagoli amaningi,” kusho uDavids.
"Abadlali kufanele baqonde ukuthi sesisesigabeni esibucayi njengoba sikowandulela owamanqamu. Kufanele sikhuphule izinga lethu. Ngiyakwazi abangakwenza abadlali bami futhi ngikholwa ukuthi bazobe sebewulungele umlenze wesibili."
Iqembu elizodlulela kowamanqamu lizobhekana nelizophumelela phakathi kweRS Berkane yaseMorocco noCS Constantine wase-Algeria. IBerkane isethubeni elihle lokungena kowamanqamu ngemuva kokunqoba umlenze wokuqala ngo 4-0.
Related Topics: