Ezemidlalo Ibhola

Owodumo kwiBanyana ungaphandle ngebheyili

Charles Khuzwayo|Published

U-AMANDA Dlamini ubuyela eNkantolo yaseRandburg eGoli ngoLwesibili Isithombe:SIGCINIWE

OWAYENGUKAPUTENI weBanyana Banyana kodwa osengumhlaziyi wemidlalo yebhola kuSuperSport, u-Amanda Dlamini, ungaphandle ngebheyili emuva kokukhalelwa ngamasongo kaSigonyela, ngoMsombuluko eDouglasdale, eGoli.

U-AMANDA Dlamini ubuyela eNkantolo yaseRandburg eGoli ngoLwesibili Isithombe:SIGCINIWE

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uColonel Dimakatso Nevhuhulwi, uthe intokazi edabuka eHarding, KwaZulu-Natal, iboshelwe icala lokushayela ngesivivini esingaphezulu kwesamukelekile futhi ngobukhulu ubudedengu. Unxuse Isolezwe ukuba lixhumane naboPhiko lezokuShushisa kuleli ukuze lithole imininingwane ethe thuthu.

Eziphendulela kuleli phephandaba, okhulumela lolu phiko eGauteng, uPhindi Mjonondwane, uthe lentokazi edabuka eHarding, KwaZulu-Natal, ivele ngoLwesithathu kafushane eNkantolo yeMantshi yaseRandburg.

“Icala lihlehliselwe Febhuwari 4, 2025. Umsolwa ungaphandle ngebheyili futhi isikhathi sakhe sebheyili sinwetshiwe kuze kufike lolo suku," kuphetha uMjonondwane.

U-Amanda (36) waqala ukugqama ebholeni esadlalela iqembu lezintokazi laseThekwini, iDurban Ladies ngaphambi kokuqokwa ukuba agijime kwelesizwe, iBanyana Banyana ngo-2007 ngesikhathi litholene phezulu nozakwabo baseNigeria.

Iqhaza elabanjwa wu-Amanda emqhudelwaneni we-Africa Cup of Nations yabantu besifazane yango-2010, neyango-2012, kwenza lentandokazi yagixabezwa ngebhande lokuba ukaputeni kuma-Olympics ango-2012.

U-AMANDA Dlamini ubuyela ngoLwesibili, eNkantolo yaseRandburg eGoli Isithombe:SIGCINIWE