UMOHAU Nkota we-Orlando Pirates kulindeleke ukuthi aqhubeke nefomu yakhe uma leli qembu selibhekene ne-Al Ahly yase-Egypt emdlalweni weCaf Champions League e-Orlando Stadium, eSoweto, kusasa ntambama Isithombe: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI owagcina ukufaka i-Orlando Pirates kowamanqamu weCaf Champions League, uRoger De Sa, uhlohle leli qembu ngokubaluleka kokubamba ngobhongwane i-Al Ahly yase-Egypt, kowomlenze wasekhaya ngoba akubuzwa ukuthi nayo izokwenza okufanayo kowaseCairo.
IPirates eyadla isicoco sase-Afrika ngo-1995, izokwamukela amaRed Devils okuyiwona asivikelayo emdlalweni ka-Group C ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Kuleli qoqo okukhona kulona neCR Belouizdad yase-Algeria neStade d’Abijan yase-Ivory Coast ,ezikaJose Riveiro sezivele ziqale ngonyawo oluhle kwazise ziwunqobile owokuqala ka-Group C ekuhambeni. Zehlule iBelouizdad ngo 2-1.
UDe Sa owayewumqeqeshi wePirates ngesikhathi igcina ukuhlangana ne-Al Ahly kweyamaqoqo eChampions League ngo-2013, utshele Isolezwe ukuthi umjiko nejubane yiwona ukhiye weZimnyama wokuphumelela lo mdlalo.
“Ukhiye ulele ekutheni iPirates iyibambe ngobhongwane kowayo wasekhaya ukuze kowasekuhambeni iye isiyela ukuyovika induku,” kusho uDe Sa.
“Ngisho kungabukeka sengathi kuzwanwa kangakanani phakathi kwamaqembu kodwa enkundleni iPirates kufanele ibaxine ngomjiko nejubane njengoba nathi senza eminyakeni edlule,” kuqhuba lo mqeqeshi.
UDe Sa wanqoba umdlalo wamaqoqo wango-2013 ne-Al Ahly ngo 3-0 wamagoli, o-Andile Jali, Sifiso Myeni noThandani Ntshumayelo eCairo, ngaphambi kokudlala ngokulingana kowase-Orlando Stadium.
“Buzophela ubungani kowomlenze wesibili. Kuba sengathi ubhekene nabantu ongabazi uma sekudlalelwa eCairo, ingakho komqoka ukunqoba owakho wasekhaya.
“Okufanele kwenziwe yiPirates wukugwema ukuthi i-Al Ahly iwudunge umdlalo, bese iyixina ngejubane nomjiko ngoba ayizwani nalokho,” kuqhuba lo mqeqeshi osekungumlando ukuthi wagcina ekhale ngaphansi kuwona belu ama-Red Devils kowamanqamu wangalowo nyaka (2013).
Ukuphuma ngobuningi kwabalandeli e-Orlando esinye isinongo uDe Sa abona sizoba wusizo eqenjini lasekhaya.
“Indlela iPirates eyiqale ngayo isizini yeBetway Premiership izokwenza ukuthi baphume bonke abalandeli bayo kwazise lo omunye wemidlalo emikhulukazi eminyakeni edlule.
“Ukugcwala kwenkundla kuzokwenza abadlali abafana, noRelebohile (Mofokeng) noMohau (Nkota), ukuba bavuke umbhejazana ngomjiko nangeminyakazo esheshayo. Lokhu kuyabacasula ngoba abakujwayele kodwa futhi bayazi ukuthi indlela yethu yokudlala,” kusho uDe Sa.
Khonamanjalo, iMamelodi Sundowns izobhekana ne-AS FAR Rabat yaseMorocco emdlalweni wesibili wamaqoqo kaGroup B weChampions League ekuhambeni kusasa ngo-9 ebusuku. IStellenbosch izogijimisana neRS Berkane yaseMorocco koweCaf Confederation eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-3 ntambama.
Related Topics: