Ezemidlalo Ibhola

U-Amorim uzifake kwabe-United ngokuxhaphaza uGuardiola

Mthokozisi Mncuseni|Published

BEKUYINJABULO yodwa kwabeSporting Lisbon emuva kokuxebula iManchester City emdlalweni we-UEFA Champions League obekungowokugcina ekhaya womqeqeshi uRuben Amorim oseyoqeqesha iManchester United e-England Isithombe: BACKPAGEPIX

UKUXEBULWA kweSporting Lisbon ngo 4-1 iManchester City kwi-UEFA Champions League maphakathi nesonto kufanele ukuba kuthakaselwe ibona bonke abaxhumene neManchester United ezoqeqeshwa uRuben Amorim kusukela ngoMsombuluko.

Ngesikhathi abadlali beSporting bejabula okokugcina no-Amorim kufanele ukuba bebehlikihla izandla abe-United ngenxa yenjabulo edalwa wukuhlabana ngalolu hlobo komqeqeshi.

Umuzwa ngaphambi komdlalo weSporting neMan City bekuwukuthi uyisivivinyo sika-Amorim kwazise uzobhekana noPep Guardiola koweligi ngenyanga ezayo (Disemba 15) e-Etihad Stadium.

U-Amorim uzowuqala ngokugcwele umsebenzi kwi-United ngoMsombuluko.

OweCity bekuwumdlalo wakhe wokugcina wasekhaya engumqeqeshi weSporting njengoba evalelise ngokunenebula elinye lamaqembu athathwa njengaphambili emhlabeni.

Owokugcina ka-Amorim kwiSporting usekuhambeni neBraga kusasa lapho eyozama khona ukushiya leli qembu eliwinise imidlalo engu-11 kwengu-11 yokuqala yesizini kwiligi enkulu yasePortugal.

Umdlalo wokuqala ka-Amorim kwi-English Premiership uzoba sekuhambeni ne-Ipswich Town ngoNovemba 24, kulandele owe-Europa League neBodo/Glimt.

Kuzobe sekulandela owe-Everton ekhaya ngoDisemba 1 ngaphambi kokuzobhekana nesivivinyo sakhe sokuqala esikhulu ne-Arsenal ekuhambeni ngoDisemba 4.

RUBEN AMORIM

“Konke kwenzeke ngendlela ebengifisa ngayo emdlalweni wami wokuvalelisa kuleli qembu engilithanda ngenhliziyo yami yonke,” kusho u-Amorim osedle izicoco zeligi ezimbili eminyakeni emine ayihlale kwiSporting.

“Nginenhlanhla yokuthi ngisuka eqenjini lomlando ngiya kwelinye. Konke kuzobe kukusha kimina e-England ngakho-ke ngizozinika isikhathi esanele sokujwayela konke okuzobe kungizungezile.

“Indlela yokudlala kuzofanele ihluke kweyeSporting ngoba izingqinamba kwiligi yasePortugal nakweyase-England azifani.

“Njengoba ngenza kwiSporting ngesikhahti ngifika, ngizozinika izinyanga eziyisithupha ukuzihlola mina uqobo kuqala bese ngigwema ukulandela okushiwo ngami kwabezindaba,” kusho yena ekhuluma kwi-Reuters.

U-Amorim unikwe inkontileka yamasizini amathathu kulandela ukukhonjwa indlela kuka-Erik Ten Haag waseNetherlands oshiye i-United ikunombolo 13 kwi-log ngamaphuzu angu-12 emidlalweni engu-10.

Umlando omfishane ngo-Amorim:

*Usuku lokuzalwa: 27 Januwari 1985 (39)

*Indawo azalelwa kuyona: Lisbon, Portugal

*Useke wadlalelani: Benfica, Braga.

*Udlalele iPortugal kwiNdebe yoMhlaba amahlandla amabili.

*Uqale kuphi ukuqeqesha: Casa Pia ngo-2017

*Uwinele iSporting isicoco seligi ngo-2020/2021 (obekungokokuqala eminyakeni engu-19)

*Ufike kwiSporting izinto zimapeketwane njengoba kuyisimo esifanayo kwazokufika kwi-United.

Imidlalo yeligi kwi-English Premiership kule mpelasonto imi kanje:

Namuhla:

Wolves v Southampton (5pm); West Ham v Everton (5pm); Brentford v Bournemouth (5pm); Crystal Palace v Fulham (5pm); Brighton v Man City (7.30pm); Liverpool v Aston Villa (10pm).

Kusasa:

Man United v Leicester (4pm); Nottingham Forest v Newcaste (4pm); Tottanham v Ipswich Town (4pm); Chelsea v Arsenal (6.30pm).