Ezemidlalo Ibhola

Sifike sashukumisa kwi-Euro isilomo esincane saseTurkey

Mthokozisi Mncuseni|Published

URDA Guler (kwesokunxele) ngemuva kokushaya ingcwenga yegoli behlula iGeorgia emdlalweni we-Euro 2024, kaGroup F wokuvula ngoLwesibili, eDortmund, eGermany Isithombe: EPA

ISILOMO esisha sebhola laseTurkiye, u-Arda Guler, asigcinanga ngokuzazisa ebholeni lomhlaba ngokushaya elinye lamagoli angase abalwe navelele kwi-Euro ka-2024 eqhubeka kwelaseGermany, kepha sizifake emlandweni ngokuphuca, uCristiano Ronaldo, irekhodi aseliphathe iminyaka engu-20.

UGuler (19) osemabhukwini eReal Madrid yaseSpain, ube iqhawe leTurkey ngesikhathi inqoba umdlalo wayo wokuqala wamaqoqo emlandweni we-Euro idlula ngo 3-1 kwiGeorgia ekuqaleni kwesonto.

Ngokushaya leli goli uGuler ongumpetha we-Uefa Champions League nabeSpanish La Liga, uthathe kuRonaldo irekhodi lokuba umdlali omncane kunabo bonke ukushaya igoli kwi-Euro yakhe yokuqala.

URonaldo namanje osekhona kwiPortugal, wakwenza lokhu eminyakeni engu-20 edlule lapho eshayela izwe lakhe igoli bebambana neGreece eseneminyaka engu-17 edlala kwi-Euro yakhe yokuqala.

U-ARDA Guler ngemuva kokunqoba isicoco se-Uefa Champions League ngeqembu lakhe, iReal Madrid ngoJuni, eWembley Stadium, eLondon Isithombe: EPA

Kusukela uGuler eqale ukugqama kwiFenerbahce SK ngo-2021 usephenduke omunye umdlali omqoka kwelaseTurkey kangangokuba sebemqambe ukuthi, unguLionel Messi, wakhona.

Ngaphambi kokuqala kwe-Euro ka-2024, uGuler ubengomunye wabafana abancane obekubhekwe lukhulu kubona ohlwini obeluhlanganisa, noJamal Musiala, oseshayele iGermany amagoli amabili, noJude Bellinhgam, owinise i-England kowokuqala neSerbia.

Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba le-Uefa esithangamini nalo emuva komdlalo weGeorgia, uGuler uveze ukuthi baningi abamesekayo ukuthi enze kahle ingakho engenawo uphawini wokuzithambisa.

“Ngithole ucingo obeluvela kuCarlo (Ancelotti umqeqeshi weMadrid), ngaphambi komdlalo engifisela inhlanhla ngakho-ke uyazibonela ukuthi anginayo indlela yokucasha ngesithupha ngoba maningi amehlo akimina,” kusho uGuler kwabe-Euro.com.

“Njengabo bonke abadlali bekuyiphupho lami ukudlalela iTurkey emqhudelwaneni omkhulu. Ngifisa ukushaya amanye amagoli amaningi ukusiza izwe lami kwazise sisamelwe umqansa wokudlula kwiPortugal okuyiyona ethwelwe ngeqoma ukudla u-Group F.

“Ikhempu yethu igcwele ukuzwana nokuzethemba ngakho-ke noma ngabe siphelela kuphi kulo mqhudelwano kodwa siyathembisa ukuthi sizobe silwile,” kuphetha uGuler.

Amahlombe asemancane kaGuler kuzobhekwa ukuthi ayithwale iTurkey uma isidlala nePortugal namuhla ngo-6 ntambama eSignal Iduna Park, eDortmund, eGermany. ITurkey iphezulu eqoqweni ngenxa yamagoli. Iqembu elizonqoba lapha lizobe selizibeke ethubeni elihle lokudlulela emzuliswaneni olandelayo.

Amazwibela ngo-Arda Guler:

*Uqale ukugqama ezinkulisa zeGenclerbirligi ngo-2014.

*Ujoyine izinkulisa zeFenerbahce ngo-2019.

*Ngesizini ka-2021-2022 unikwe umdlalo okokuqala esikimini esikhulu.

*Ube umdlali omncane kunabo bonke emlandweni weFenerbahce ukuyishayela igoli ngoMashi 2022 eneminyaka engu-17.

*Ngesizini elandelayo unikwe unombolo-10 kuleli qembu laseTurkey elingawuniki noma imuphi umdlali.

*NgoMeyi 2023 bese efunwa amaqembu ahlanganisa i-Arsenal, Liverpool, Bayern Munich, Borussia Dortmund, Barcelona nePSG.

*NgoJulayi 2023 uGuler usayine inkontileka yeminyaka eyisithupha neMadrid afike wayisiza idla iligi neChampions League yize eke wahlala isikhathi engadlali ngenxa yokulimala.